UBONA sebesisongile isigaba sokuqala, sokuzibekela indawo emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiDStv Premiership, uClinton Larsen ongumqeqeshi weMagesi.
IMagesi iqhwakele kwi-log yeMotsepe Foundation Championship. Ngempelasonto edlule leli qembu eliteketiswa ngeDikwena tsa Meetse, liqhubekile nokuvulela umpetshisi lishaya i-Orbit College ngo-2-0.
Belinqoba okwesikhombisa kulandelana. Bekuphinde kube umdlalo wesishiyagalolunye lingayazi induku. Lisesicongweni ngamaphuzu awu-45 emidlalweni ewu-23. Ezithendeni zalo kune-University of Pretoria ngawu-44.
Kweyesithathu kulele yona i-Orbit ngawu-37, kweyesine kube neBaroka ngawu-35.
ULarsen ojoyine iMagesi ngoJanuwari nyakenye utshele Isolezwe ukuthi umdlalo we-Orbit bewubaluleke kakhulu kubona.
Ukuwunqoba kwabo uthe kubanike isiqiniseko sokuzibekela indawo kweyokuhlungela ukwenyukela esigabeni esiphezulu.
Kule midlalo yokuhlunga kudlala iqembu eliqede kweyesibili nakweyesithathu. Aqhudelana neliqede kweyesi-15 kwiDStv Premiership.
"Sithe uma sishaya izibalo, sibheka nangendlela esidlala ngayo sabona ukuthi kule midlalo eyisikhombisa esele, iqembu elikweyesine okuyiBaroka ngeke lisasikhipha kwamathathu aphezulu.
“Ngaleyo ndlela sesizibekele indawo kweyokuhlunga. Siyishiya ngamaphuzu ayishumi. Kuyinjabulo ukuthi siphumelele ukufeza lokhu kusasele imidlalo eyilesi sibalo," kubeka uLarsen.
Uveze ukuthi isigaba sesibili esibasalele ukugwema yona imidlalo yokuhlunga. Iqembu elizoqeda esicongweni, lizongena ligijima kwiDStv Premiership.
"Kuzomele sicophelele kakhulu ukufeza leli phupho, yize kuzoba nzima. Nezimbangi zethu amaTuks azifuni ukuya kweyokuhlunga, zifuna lokhu esokufunayo.
“Okwethu ukwenza isiqiniseko sokuthi siwubamba ngezandla zombili lo mgqigqo esikuwo.
“Sizethwese umthwalo wokuwaqoqa wonke lamaphuzu awu-21 asisalele. Nakuba kunzima kodwa akhona amathuba okukuzuza lokhu,“ esho.
ULarsen unesipiliyoni sokusebenza esigabeni esikhulu njengoba eseke waqeqesha iBloemfontein Celtic, Maritzburg United, Lamontville Golden Arrows neChippa United. Ubonge abadlali bakhe ngokuzimisela.
Kule sizini kwiMotsepe Foundation uthe alikho iqembu elisenze abasakwenzile. Emidlalweni eyisikhombisa abayinqobile, bangenelwe ngamagoli amabili kuphela.
Lokhu uthe yirekhodi eliphulwe ngabafana bakhe kanti uma bezoqhubeka kanje kule midlalo esele bazovuna izithelo ezijabulisayo.
EzikaLarsen neCasric bahamba phambili kwiMotsepe Foundation ngokushaya amagoli awu-33.
Elisangenelwe ngamaningi iMarumo Gallants okubukeka ivuthwa indlela yayo ebheke kwiSafa ABC Motsepe League. Ingenelwe ngawu-33.
Ibambe ibhuleki ngamaphuzu awu-20. IMagesi isangenelwe awu-19. Izoze idlale ngoLwesibili oluzayo neHungry Lions e-Old Peter Mokaba Stadium.