AKAPHOLISANGA maseko uClinton Larsen ongumqeqeshi weMagesi, othe eqeda kuzibekela indawo kwiDStv Premiership yangesizini ezayo, wabe eqala ukubhala uhlu lwabadlali azoqinisa ngabo isikwati.
IMagesi iqinisekise indawo yayo esigabeni esikhulu, ngokubhaxabula iMilford ngo 3-1 emdlalweni weMotsepe Foundation Championship ngempelasonto.
Lo mphumela wenze yaba namaphuzu awu-55, emidlaweni ewu-28.
I-University of Pretoria elele isibili ngamaphuzu awu-47, noma ingayinqoba yomibili imidlalo eyisalele izophelela emaphuzwini awu-53. I-JDR, Baroka neMaritzburg ngamanye amaqembu asalwela ukudlala kweyokuhlunga namaTuks neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiDStv Premiership.
Engxoxweni uLarsen abe nayo naleli phephandaba ubonge wanconcoza kubo bonke ababasekile.
"Ngibonga kakhulu kusihlalo weqembu ngokwenza isiqiniseko sokuthi sikuthola konke esikudingayo. Ngithi izandla zidlula ikhanda kubo bonke abasebenzi beMagesi. Ngibonga kubalandeli bethu abebewa bevuka nathi. Ngiyazi ukuthi bazoqhubeka nokuseseka. Ngeke ngilishiye ngaphandle ithimba labaqeqeshi engibambisene nalo. Okukhulu kunakho konke, ukubonga abadlali bethu. Ngaphandle kwabo ngabe asikuzuzanga lokhu.
“Akwejwayelekile lokhu okwenzekile. Leli qembu lineminyaka emibili kuphela. Amanye kuthatha iminyaka ukuthi akhuphukele esigabeni esikhulu," kubeka uLarsen.
Amanye amaqembu asuka kwiMotsepe Foundation Championship athwala kanzima kwiDStv Premiership ngenxa yezindleko eziphezulu. Ukungabi namali eyanele kwenza ahluleke ukuthenga abadlali bezinga lesigaba esikhulu. Lokhu kuholela ekutheni adliwe yizembe ngokushesha.
ULarsen uthe abaphathi bakhe bakuqinisekisile kuye ukuthi bazomnika konke akudingayo.
"Abafana bami bebenze umcinjana bejabulela le mpumelelo. Mina kuye kwaphoqa ukuthi ngibashiye, umsebenzi usaqhubeka. Kwakuyo impelasonto ngiqale ukubhala uhlu lwabadlali engingathanda ukuba nabo ngesizini ezayo. Abanye babo vele bese beqalile ukungishayela ucingo befuna umsebenzi. Iningi labo lidlala kuyo iDStv Premiership. Nokho sisazohlala phansi nabaphathi sibonisane ukuthi sinamalini, sidinga baphi abadlali.“
ULarsen uthe uma besonga imidlalo uzohlangana nabaphathi bakhe, babhunge ngenkontileka yakhe entsha. Ezakhe zisalelwe oweCasric, ngeSonto, eSolomon Mahlangu Stadium noweVenda Football Academy, ngoMeyi 19, e-Old Peter Mokaba Stadium.
"Sifuna ukuphula amarekhodi ngale midlalo esisalele. Sifuna ukuqeda sinamagoli namaphuzu amaningi. Okuhle ukuthi sizodlala sesingenangcindezi.“
Emsileni kuhleli iPlatinum City Rovers ngamaphuzu awu-24. Kweyesi-15 kuneMarumo Gallants ngawu-30. Ngaphezu kwabo kuneVenda, La Masia neMilford ngawu-31. Okungamaqembu alengela ezembeni.
Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship: Upington City 4-1 La Masia; Pretoria Callies 0-3 Venda Football; Magesi 3-1 Milford; JDR Stars 1-0 Orbit College; Casric Stars 4-2 Platinum City Rovers; Black Leopards 2-2 Pretoria University; Maritzburg United 2-0 Hungry Lions; Barola 2-0 Marumo Gallants.