UMQEQESHI weMagesi FC, uClinton Larsen, uyifanisa nemamba elimele iMilford, ubona ukuthi izofuna ukubaphoqoza uma sebebhekene nayo koweMotsepe Foundation Championship, namuhla ngo-3.30 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IMagesi iyiqale kahle isizini ngoba seyinqobe imidlalo emine, yadlala kowodwa ngokulingana.
Isesicongweni kepha ibambene ngakho konke nomakoti, i-Orbit College. Womabili amaqembu anamaphuzu awu-13. Kodlule ezikaLarsen zishaye iMaritzburg United ngo-2-1, njengoba sesizobhekana neMilford esemsileni.
Emidlalweni emihlanu, idliwe kwemine kwathi ngempelasonto edlule yathola iphuzu lokuqala ibambana ngeqanda nePretoria Callies.
Ngesonto eledlule iMilford kaXanti Pupuma, ikhombe indlela umqeqeshi u-Asanda Mvalo, ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Uxoshwe namaphini akhe.
Emdlalweni weCallies, ebhentshini layo bekuhleli uNhlanhla Hlongwa ocija elinye iqembu likaPupuma elidlala kwi-ABC Motsepe League. Leli phephandaba lithole ukuthi nanamuhla kuzoqeqesha yena uHlongwa.
Ngokomthombo umqeqeshi ozothatha izintambo zokuqeqesha ngokuphelele uzoqashwa ngemuva komdlalo weMagesi.
Kuvela igama likaSimo Dladla, oyiphini likaZipho Dlangalala kwiTeam of Choice, nelikaMpho Maleka oke waqeqesha amanye amaqembu okubalwa iTshakhuma, neMarumo Gallants.
ULarsen uthe ngeke balenze iphutha lokweya iMilford.
"Angikucacise ukuthi iMilford siyayihlonipha kakhulu. Sizoyithatha njengeqembu elidlala kwiPremier Soccer League. Nakuba siwadinga amaphuzu kodwa kangiyena umuntu osizakala ngezinkinga zomunye umuntu.
“Ngiyifisela inhlanhla kukho konke iMilford. Empeleni kuzomele sigawule sibheke uma sesidlala nayo. Ifana nemamba elimele, efuna ukusobozela kwasani oluphambi kwayo. Asibanga nesikhathi esanele sokulungiselela lo mdlalo. Nakuba kunjalo sifuna ukubuyela ekhaya namaphuzu aphelele," kusho uLarsen.
Uqhube wathi uyalelwe ukuthi anyusele kwiDStv Premiership iqembu.
"Abaphathi beqembu bathe ngeke basihlale entanyeni, asenze izinto ngendlela yethu, bayasethemba. Yingakho sithatha umdlalo ngamunye. Umdlalo ngamunye siwuthatha njengowamanqamu. Okwamanje kubukeka kusahamba kahle. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyawubamba umgqigqo," kuqhuba uLarsen oke wacija amanye amaqembu.
Phakathi kwamaklabhu asewaqeqeshile, kubalwa iBloemfontein Celtic, Maritzburg United, Chippa United, Polokwane City, neSummerfield Dynamos edlala kwi-ABC Motsepe League.