UKAPUTENI weBafana Bafana kwiHollywoodbets Cosafa Cup, uLyle Lakay, uxwayise ozakwabo ukuba bangazithambisi emdlalweni wokugcina kaGroup A ne-Eswatini namuhla ngo-6 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IBafana izobe iqala ukudlala kuleli lokishi kusukela lo mqhudelwano uqalile kwazise eyokuqala emibili (neNamibia neBotswana) iyigijimele eMlaza njengoba izosonga iqoqo ne-Eswatini.
Kusukela lo mqhudelano uqalile, iBafana ikhombisa izimpawu zokufudunyezwa wukuthi izitha ziwabona kuqala lapho egxunyekwe ngakhona amapali okuyinto lo kaputeni abona ingaba yingozi.
ULakay ukhumbuze ozakwabo ngesimo seqoqo njengobufakazi bokuthi alikho iqembu elingeke lilishaye elinye.
Lokhu kufakazelwa wukuthi emazweni akuGroup A, iBafana kuseyiyo kuphela engayazi induku.
Leli qembu likaMorena Ramoreboli, lizozibekisela indawo kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano yinqobo uma lithola umphumela oncomekayo KwaMashu.
Ngeke libe khona ithuba lokucasha ngesithupha kubadlali uma iBafana ihluleka wukudlulela phambili ngokusho kwalo kaputeni obekhuluma sakuphaka impi nethimba labezindaba le-Cosafa.
“Kuyasiphoqa ukuthi siwuwine umdlalo wethu ne-Eswatini ngoba indlela iqoqo elimi ngayo, ikhomba ukuthi ngisho iphuzu ngeke lanele uma iBotswana iwina owayo umdlalo,” kusho lo kaputeni.
“Kumqoka ukunqoba futhi kuhle ngoba nabadlali bayakwazi lokhu. Banalo lonke ulwazi abaludingayo ngesitha sethu esilandelayo kwazise sizinike isikhathi sababuka kahle bebhekene neNamibia.
“Siya kulo mdlalo ngokuzethemba futhi siyabuqonda ubumqoka bokungavumeli izitha zilishaye kuqala igoli njengoba kwenzekile kwemibili edlule.
“Ngeke silithole ithuba lokubuya ngelinye ilanga, yingakho ngithanda ukumema abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo ukuzoseseka. Konke lokhu esikwenzayo enkundleni sikwenzela ukujabulisa bona.”
URamoreboli uhambe emazwini kakaputeni wakhe ngokubonga nokumema abalandeli.
“Lokhu abakwenzayo (abalandeli) kufana nomjovo esiwudingayo ngakho-ke bangadikibali kepha baqhubeke nokuseseka ngisho kubukeka sengathi akuhambi kahle kwesinye isikhathi,” kusho lo mqeqeshi.
Esesonga uthe: “Nalo mdlalo (ne-Eswatini) sizoqhubeka nokuwuhlelela ngendlela ewufanele, siphinde sikulungele ukufela izwe lethu ukuze siqinisekisa ukuthi inkomishi igcina ekhaya.”