UKUNGAZIKHUKHUMEZI kukaHendrick “Pule” Ekstein ngesikhathi etshelwa owayengumqeqeshi waMaZulu FC, uBrendon Truter, ukuthi umehlisela ezinkulisa zeqembu, yikho okumtholele inkontileka entsha eMbelebeleni ngokusho kukamengameli, uSandile Zungu.
U-Ekstein, osebuya phesheya kwezilwandle nakwiKaizer Chiefs, nayo eke yamjimisa nezingane.
Eyokugcinwa kuka-Ekstein, Isolezwe liyitshelwe nguZungu muva nje, lapho ebezokwethula khona okokuqala umqeqeshi wakhe omusha, uPablo Franco Martin, waseSpain.
“Uma uzokhumbula kahle, uPule bekufanele achithwe kuMaZulu FC ngesizini edlule kodwa wagcina ehliselwe ezikwatini ezincane,” kusho uZungu.
“Indlela aziphathe ngayo ngaleso sikhathi ikhombise okukhulu ukungazikhukhumezi yize engumdlali obuya emaqenjini athathwa njengamakhulu kanjalo nalawa aphesheya kwezilwandle.
“KwiDDC abehliselwe kuyo, ubesebenza ngokukhulu ukuzikhandla ngaphandle kokubuza imibuzo ngakho-ke lokhu kusihlabe umxhwele sabona kungcono ukuthi siphinde siyelule ngomunye unyaka inkontileka yakhe.
“Okuyikho okwenze samnaka wukuthi noma sekufika uFohloza (Romain Folz), uqhubekile nokuzinikela waze wabuyiselwa esikimini esikhulu nakhona wafika wakhombisa ubuholi obuyisimanga.
“Limfanele ithuba anikwe lona u-Ekstein. Akusiye yedwa, kepha baningi abanye abadlali esiqome ukuqhubeka nabo ngenxa yokwahlukana kwezizathu kodwa yena ugqamile ngenxa yobuholi nokungazikhukhumezi akukhombisile ngezikhathi ebezingaba ezinzima kubadlali abaningi.”
UTruter, oseqeqesha iSekhukhune United, amphendukele amatafula emuva kokuba ecele abaphathi boSuthu ukuthi u-Ekstein noThabo Qalinge, behliselwe ezikwatini zezinkulisa.
Kugcine kunguye ohambayo.
U-Ekstien (32), ufike kuSuthu esuka eqenjini laphesheya kwezilwandle (iSabail FK yase-Azerbaijan).
Ezinsukwini zokugcina kwiChiefs, u-Ekstein nakhona wajinyiswa nabadlali abasabancane egoloza ukuvuselela inkontileka.
Kuyavela ukuthi nakwiSabail kwake kwenzeka okufanayo, ukujinyiswa nezingane.