AKUSABALULEKILE kangako kumqeqeshi weRoyal MA, uJohn Maduka, ukuthi badlala ibhola elinjani kodwa osekuhamba phambili wukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu njengoba sekugijinywa umzuliswano wesibili weDStv Premiership.
UMaduka ukuveze lokhu ngemuva kokuthi begoduke namaphuzu amathathu kowomkhaya baKwaZulu-Natal, behlula iRichards Bay FC ngo 2-1 koweligi obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoMgqibelo.
Ngale wini iThwihli Thwahla enqobe ngamaphenathi, kaMotebang Sera noMenzi Masuku, iziqhelisile empini yokubalekela ukugwema ukugencwa izembe kwazise iqale lo mdlalo ingcono ngamaphuzu amane kwiBay esendaweni yesibili uma usuka emsileni kwi-log.
UMaduka uyaziwa ngokukholelwa endleleni ethile futhi ehehayo yokudlala kodwa isimo iqembu lakhe elikusona nesikhathi sesizini kumphoqa ukuba azibeke eceleni izinkolelo zakhe zokudlala.
“Akithina sodwa kepha wonke amaqembu asebheke imiphumela ngoba sekuyisiwombe sesibili sesizini lapho wonke umuntu esuke esazi khona ukuthi ulwelani,” kusho uMaduka.
“Akusabalulekile kangako ukuthi sidlale ingcwenga yebhola noma sishaye udaka kepha sekuyisikhathi sokuqinisekisa ukuthi sithola amaphuzu agcwele njengoba senzile.
“Ngijabule kakhulu ngamaphuzu agcwele. Mayelana nendlela esidlale ngayo akukhalisi uma uzokhumbula ukuthi besishintshe kakhulu isikimu uma usiqhathanisa nesiqale umdlalo weNedbank Cup ngeledlule.
“Bangihlabe umxhwele nokho laba badlali ebesibanika ithuba okokuqala. Kukhona la bekhombise khona ukuthuka kodwa zasixolela izitha ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Ngijabule kakhulu kodwa ibona (abadlali) engibajabulele kakhulu,” kuqhuba uMaduka.
Akazange athande ukuzifaka ezinkingeni zamanye amaqembu aKwaZulu Natal akhombisa izimpawu zokudonsa kanzima kodwa wagxila kwiRoyal AM.
“Cishe wonke amaqembu anezinkinga ingakho kusemqoka ukunaka ezethu. La maphuzu amnandi kwazise siwathole kubakhaya.
“Kusukela manje kuzokhula ukuzethemba kwethu nasemidlalweni ezayo ikakhulukazi kulaba badlali abangalijwayele ijezi abadlale kahle kowanamuhla.
“Sibheke okuzokwenzeka kolandelayo neSekhukhune (United) kodwa kuwona akufanele siqale umdlalo ngendlela esiqale ngayo oweBay ngoba mhlawumbe ngeke libekhona ithuba lokuxolelwa njengoba kwenzekile,” kuphetha uMaduka.
IRoyal AM izovakashela iSekhukhune ngoLwesithathu, ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku.