UKULIMALA kwezethenjwa zeBafana Bafana ezintathu ngesikhathi esisodwa kumvule amehlo umqeqeqshi wayo, uHugo Broos.
UBroos ekhuluma ngemuva kokunqoba umdlalo ngo 1-0 iDR Congo ngoLwesibili, emdlalweni wobungani, uthe usenolwazi ngokufanele akwenze uma le nkinga behlangabezana nayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) engoJanuwari.
Kube uLyle Foster, oshaye igoli ebeliqinisekisa ukuthi iBafana isiqede izinyanga ezingu-15 ingayazi induku ngaphansi kwesandla sikaBroos.
IBafana iye emidlalweni yobungani neNamibia neDRC ngaphandle koThemba Zwane, Tebogo Mokoena noBongokuhle Hlongwane, abalimele.
Ngale midlalo, lo mqeqeshi waseBelgium ubehlose ukucijela eyokuqala kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba eqala ngoNovemba.
Ukhalile-ke nokho esephazanyiswa wukulimala kwalezi zethenjwa okumphoqe ukuthi adlalise isikimu esingalijwayele ijezi bebambana ngo 0-0 neNamibia ngempelasonto edlule.
Uzibuyise cishe zonke izinkunzi zakhe koweDRC kodwa kuwona uphoqeke ukudlalisa uFoster endaweni kaZwane.
“Ngijabule ngale midlalo yomibili ngoba ibinzima, okuyikhona kanye esisuke sikufuna uma siqoka izwe esizobhekana nalo kweyokungcwekisana ngoba kunezifundo ezimqoka,” kusho uBroos emuva komdlalo enkulumweni nabezindaba ethunyelwe yiSafa.
“Siqale le khempu sibuqonda kahle ubunzima esibhekene nabo kwazise uZwane, Hlongwane noMokoena abayizinsika balimele kanjalo nabanye.
“Bekungelula ukudlala ngaphandle kwezethenjwa kodwa lokhu kusinike ithuba elikahle lokubona ukuthi obani esingabasebenzisa kuphi uma kudingeka.
“Ubani owaziyo ukuthi kuzolimala bani kwi-Afcon? Lokhu kusivule amehlo ngokufanele sikwenze uma sizithola sibhekene nalesi simo ngokuzayo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Ukudlala ngale ndlela ekubeni kunabadlali abaningi abangekho kuyakhuthaza yize bekungelula. Siqalile manje siyacabanga ukuthi ibaphi abadlali esingacupha ngabo.
“Ngineme ngengikubonile. Iqiniso ukuthi i-DRC ibingcono kunathi ngokomdlalo kodwa sabambelela kunzima kunjalo, okuyinto ekhuthazayo uma uzokhumbula ukuthi sinemidlalo emqoka ngoNovemba,” kuphetha uBroos.