USAZOLINDA esinye isikhathi ngaphambi kokubuyela eqenjini lesizwe ukaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, kulandela ukushiywa kwakhe ngaphandle ngesikhathi kuqokwa iqembu lokugcina elizobhekana neTanzania ngenxa yokulimala.
Lo mdlali oyibamba esiswini wagcina ukubonakala eqenjini likaDesiree Ellis ngesikhathi libhekene ne-Argentina koweNdebe yoMhlaba ngoJulayi, nyakenye.
Ubuyele enkundleni ngoNovemba eqenjini lakhe lase-Italy, iSassuolo, libhekene neSampdoria koweligi esuka ebhentshini.
Uqale imidlalo emibili ngoDisemba bedlala neFiorentina nePomigliano. Iqembu lakhe selidlale imidlalo eyisishiyagalolunye kulo nyaka. Akayidlalanga yonke.
U-Ellis uqinisekisile ukuthi umbiko abawuthole eqenjini likaJane ukhombisa ukuthi akakakulungeli ukudlala. Yisimo esifanayo nakwabanye okungoBambanani Mbane, Bongeka Gamede, Sibulele Holweni, Sinoxolo Cesane, Wendy Shongwe noFaith Nokuthula.
“Sithole umbiko wodokotela beqembu lakhe, yingakho uJane ehoxisiwe,” kusho u-Ellis esithangamini nabezindaba eGoli, izolo.
“Kusukela ngonyaka odlule, sibe nezinselelo zokulimala kwabadlali nabanye abebebhala izivivinyo. Abanye abakalulami namanje. UBambanani uza kahle impela benoBongeka noSibulele. Abasanda kuthinteka nguWendy, uSinoxolo noFaith.
“Kunzima ukungabi nalaba badlali kodwa sisenawo umgogodla weqembu. Lokhu kuyinselelo futhi kulaba abanye abadlali ukuthi benze umsebenzi wethu ube nzima kakhulu uma sekumele sikhethe isikwati esilandelayo.”
Iqembu lika-Ellis lizobhekana neTanzania emlenzeni wokuqala ozodlalelwa e-Azam Complex Stadium, eDar es Salaam, ngoLwesihlanu, ngo-3 ntambama.
Umlenze wesibili uzokuba seMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoLwesibili (Febhuwari 27), ngo-7.30 ebusuku.
Iqembu leBanyana Banyana elizobhekana neTanzania:
Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns Ladies), Kayln Swart (JVW FC), Katlego Moletsane (Royal AM).
Izitobha: Karabo Dhlamini, Lebohang Ramalepe (Mamelodi Sundowns Ladies), Fikile Magama, Lonathemba Mhlongo (University of Western Cape), Asanda Hadebe (Sunflower WFC), Noko Matlou (SD Eibar, Spain).
Abasesiswini: Linda Motlhalo (Racing Louisville, USA), Lesego Nkoane, Nomvula Kgoale (TS Galaxy Queens), Kholosa Biyana (mamelodi Sundowns Ladies, Sphumelele Shamase (University of Johannesburg), Amogelang Motau (University of Western Cape), Thalea Smidt (University of Pretoria)
Abagadli: Nicole Michael (TS Galaxy Queens), Gabriela Salgado (JVW FC), Jermaine Seoposenwe (Monterrey, Mexico), Noxolo Cesane (University of Western Cape), Hildah Magaia (Mazatlan FC, Mexico), Thembi Kgatlana (Tigres UANL, Mexico), Nthabiseng Majiya (Mamelodi Sundowns Ladies).