UBE unompempe ngenxa yokuthi ubehlale ekhuhla ibhentshi esakhula, u-Abongile Tom (32), ongomunye wabashayi bendweba elakuleli eliziqhenyayo ngabo ngenxa yokwenza kahle umsebenzi.
Aliconsi phansi igama lale nsizwa ezalelwe eMount Fletcher, e-Eastern Cape, yakhulela KwaNyanga, eKapa, Western Cape, ngenxa yomsebenzi omuhle ewenze kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka. Ngaphandle kokufutha impempe ibibuye ibonakale ethimbeni le-Video Assistant Referee (VAR).
Itshele Isolezwe ukuthi ngoFebhuwari 26-29, beyisethimbeni lonondweba ebeliseQatar ebelenza izivivinyo zokukhethelwa ukuyosebenza kwi-2026 World Cup ezosingathwa ngokuhlanganyela i-USA, Canada neMexico. Nguyena yedwa owakuleli okhethiwe, kwabawu-13 abase-Afrika.
"Lezi zivivinyo sizozenza iminyaka emibili. Uma seziphelile iFifa izobe isikhetha abaphumelele. Ngiyazethemba ngomsebenzi wami. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngiqokelwe ukuya kwiNdebe yoMhlaba yango-2026. Nakuba kusekude phambili kodwa ngizizwa ngibusisekile ngokufakwa kuleli qoqo labawu-13, e-Afrika," kubeka uTom oneziqu zokuqeqesha zikaLevel 6.
Uma ephumelela uzohamba ezinyathelweni zezinkakha ezifana no-Ian McLeod no-Ari Soldatos owayeyisekela nompempe abadlalisa kwiNdebe yoMhlaba, ngo-1998, eFrance.
Abanye uJerom Demon no-Enock Molefe abasebenza kweyomhlaba yango-2006, eGermany nakuleli ngo-2010.
Eminye imiqhudelwano emikhulu uTom aseke wafutha impempe kuyo, iCosafa, Caf Champions League, Chan, Afcon Under 20 neFifa U/20 World Cup ebinyakenye e-Argentina.
Uveze ukuthi e-Argentina uthole isipiliyoni akholelwa ekutheni yiso esimbeke kuleli zinga akulo.
"E-Argentina ngisebenze nabantu ebengingazitsheli ukuthi ngiyoke ngibe seduze kwabo. Ngenhlanhla ngiwumuntu ohlale efuna ukufunda izinto ezintsha. Bekuthi uma ngibhekana nenkinga ngingasabi ukubuza.“
UTom ofunde eBattswood Primary naseHerold Cressy High, utshele Isolezwe ukuthi ukuba inkomo esakhula yikho okuholele ekutheni agcine engunondweba.
"Sisakhula, sisadlala ngaphansi kwamaLFA (Local Football Association) besiba nenkinga yokungabibikho konompempe. Bekuphoqeleka ukuthi iqembu elidlalela ekhaya lithole unompempe. Ngenxa yokuthi bengingemuhle ebholeni iqembu lami belihlale likhetha mina. Ngokuhamba kwesikhathi umuntu owayephethe iLFA yangasekhaya weza kimi wangeluleka ngokuthi ngiyeke ukudlala ibhola, ngigxile ekubeni unompempe. Wathi ngiwenza kahle lo msebenzi," kusho uTom.
Uthe akabange esananaza, wenza njengoba wayelulekwa.
"Ngo-2009, lo mbhemu wabe esengihambisa ezifundweni zokuqeqeshelwa ukuba unondweba. Ngaziphasa ngamalengiso. Ngonyaka ofanayo ngaqala ngadlalisa kwi(Safa) SAB League. Ngenxa yokwenza kahle umsebenzi, ngo-2010 nganyuselwa kwi-ABC Motsepe League. Ngo-2014 ngamenywa ukuyothamela izifundo zohlelo lweSafa, iYouth Development Programme (YDP). Ngemuva kwalokhu nganyuselwa kwiNFD ( Motsepe Foundation Championship).“
Uqhube wathi: "Angisoze ngawukhohlwa umdlalo wami wokuqala. Ngangithukile, kwakudlala iWitbank Spurs neMbombela United. Ngangithuswa ukuthi lo mdlalo wawuzocacisa ukuthi iSpurs iyasinda ezembeni noma cha. Yagcina idliwe izembe.“
Ngo-2018 kwafezeka iphupho lakhe njengoba anyuselwa kwiDStv Premiership ebeyaziwa nge-Absa Premiership.
Umdlalo wakhe wokuqala wawuphakathi kwaMaZulu neSuperSport United, eLucas Moripe Stadium.
Lo nompempe useke wawuphatha nomdlalo obalwa nemikhulu ekhalendeni lakuleli, owabakhaya baseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Wawudlalisa okokuqala ngesizini ka-2018/2019.
"Nakithina onompempe iphupho elikhulu ukushaya impempe kulo mdlalo. Angilukhohlwa lolo suku, ngangithukile. Nokho ngathi sengiphakathi enkundleni lwehla uvalo. Waphela ngo-1-1. Ngaze ngabeka nephenathi," kuchaza uTom, othe usedlalise emithathu yezinkunzi zaseSoweto.
Kuleli uyena uTom, uZakhele Siwela no-Akhona Makalima abanelayisense yeVAR.
Uthe naye kuyamdida ukuthi kungani ingasetshenziswa kuleli.
"Iligi yethu ikwamakhulu emhlabeni, iyayidinga iVAR. Akwenziwe ngokushesha izinhlelo zokuthi isetshenziswe. Isenzela umsebenzi ube lula. Isinika elinye ithuba lokucubungula kahle isinqumo osuke usithathile". Le nsizwa enengane eyodwa, iveze ukuthi maduze izoshadelwa.