UFUQUFUQU lokufuna ukuqeqesha i-Orlando Pirates ngelinye ilanga yilo oluphoqa kakhulu umqeqeshi weDondol Stars, uVincent "Pep" Rammoni (27), ukuba afise ukuyiwashisa ijezi kuma-qaurter final eNedbank Cup.
Leli qembu laseMamelodi, ePitoli, nelidlala kwiGauteng ABC Motsepe League, liyindaba egudwini kulezi zinsuku ngenxa yokucoboshisa ofishi abakhulu kwiNebank Cup edume ngawo lo mlingo.
Engxoxweni ekhethekile leli phephandaba elibe nayo noRammoni, uveze ukuthi uma uNkulunkulu esamgcinile uyazi ukuthi ngelinye ilanga lizofezeka iphupho lakhe lokucija iPirates.
"Ukufeza leli phupho kusho ukuthi kuzomele ngisebenze kanzima. Empeleni luselude ukhalo. INedbank inginike igxathu lokuqala ukufeza iphupho. Ngiyayihlonipha kakhulu iPirates, nokho ukuze ngihlale ngisemqondweni yezikhulu zayo kuzomele ngiyishaye ngendlela egculisayo. Siyahlonipha impela kodwa alikho iqembu esilisabayo. Angikubeke kucace nje, le nkomishi sifuna ukuyinqoba," kubeka uRammoni.
Echaza ngokubasize ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano, uthe: "Okokuqala ukuba nohlobo lwabadlali abakwaziyo okufunwa yiqembu. Okwesibili, ukuzazi ukuthi singobani.“
Uphinde wathi: “Nokuthi kumele sidlale ibhola elizongena khaxa kuhlobo lwabadlali esinabo. Lapha ngiqonde nokwakhiwa kwemizimba, isimo semiqondo yabo nokunye okuningi. Sidlala ibhola lethu, ngeke usibone sifuna ukuzenza iSundowns, Chiefs noma i-Orlando Pirates".
Leli qembu emzuliswaneni wokuqala limangaze abaningi liwashisa ijezi iSuperSport United lalamanisa ngaMaZulu kwiLast 16.
Kumanje, kuhlukene imibono njengoba seliqhathwe neZimnyama endaweni nasosukwini okusazomenyezelwa. Ukwenza kahle emidlalweni yakamuva kwePirates kwenza abanye bathi ezikaRammoni sezifike ekugcineni.
IDondol yezelamani zakwaMakhura, uJeffrey noLudwick baseLimpopo, ikhumbuza abaningi ngeBaroka eyayidlala esigabeni esifanayo ngo-2011 ngesikhathi ishaya ngo-2-1 iKaizer Chiefs kwi-qaurter final yalo mqhudelwano. Kanjalo ne-University of Pretoria yenza okufanayo kweChiefs kuwo lomqhudelwano.
Amakhosi aphinde ehlelwa ngumshophi ofanayo ibhekene neTS Galaxy ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship, eyayishaya kowamanqamu alo mqhudelwano ngo-2019.
Lo mqeqeshi ululeke abaqeqeshi basemazingeni aphansi ngokuzithuthukisa ngolwazi. Ukhuluma kanjena nje, uyayikizela yizifundo zokuqeqesha. Uveze ukuthi uno-Safa C Licence, European EPL Introduction, La Liga Introduction neyesiqalo seKNVB yaseNetherlands.
Khomanjalo ezikaMagebhula zinomdlalo onzima ezizowudlala neSuperSport United, e-Orlando Stadium, eSoweto namuhla ngo 5 ntambama. Lawa maqembu ngaphandle kokubanga amaphuzu amathathu aphinde abe nombango wendawo yesibili kulog.
Amatsatsantsa aPitori yiwo ahlezi kule ndawo kanti eZimnyama zikwe yesithathu. Lendawo ingenye eyisango lokuyodlala kwiCaf Champions League ngonyaka ozayo.