UZIBONA enesikweletu kwiLamontville Golden Arrows, uSteve “Mphathi” Komphela njengoba ethi kusenomsebenzi angakawuqedeli kuleli qembu asekhuza ibuya kulona ngemuva kwamasizini amathathu.
UKomphela ojoyine iGolden Arrows ekuqaleni kwale nyanga esuka kwiMoroka Swallows, ubingelele ngewini kuleli qembu obeselidlale imidlalo engu-11 liwukudla kwenduku. Emdlalweni wokuqala ebuyile bashaye iPolokwane City ngo 1-0 koweDStv Premiership ngoMashi 10.
Ngemuva kwekhefu leFifa, iGolden Arrows ibuyela ensimini ngomdlalo wabakhaya weDStv Premiership neRichards Bay FC, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
“Nginomsebenzi ongaphelanga ne-Arrows noSis Mato (Madlala umphathi weqembu) ngoba ngashiya kuleli qembu ngesikhathi seCovid-19 kusenomsebenzi okwakusafanele wenziwe ngaleso sikhathi. Kulo mkhakha wokuqeqesha awuqedwa umsebenzi. Mhlawumbe ngo-2030 ngiyobheka emuva ngisho ngithi ngo-2024 ngabuya kwi-Arrows angangabinika okwanele njengoba nango-2020 ngashiya ngingabanikanga okwanele.
Kulo msebenzi esikuwona wokuqeqesha nasempilweni nje jikelele uhlale ufisa ukwenza okungaphezulu ngaso sonke isikhathi. Njengemali, impilo ifana nento oyijahayo ufuna ukuyifica ngaso sonke isikhathi,” kusho uKomphela.
“IKwaZulu-Natal isifana nekhaya lami lesibili. UMgungundlovu awukude kakhulu nala eThekwini.
Ngakho ngiyathokozela ukubuyela ekhaya, futhi ngiyafisa ukufeza okuningi neqembu i-Arrows”.
UKomphela waqeqesha kwi-Arrows amasizini amabili, washiya kuleli qembu ekuqaleni kwesizini ka-2020/2021 ejoyina iMamelodi Sundowns. Usebenze kwiSundowns amasizini amathathu, ngaphambi kokujoyina iSwallows ekuqaleni kwale sizini.
Ngaphandle kwe-Arrows, useke waqeqesha nakwamanye amaqembu aseKZN okubalwa kuwo iManning Rangers ayifinyelelisa kowamanqamu e-Absa Cup (esiyiNedbank Cup) ngo-2004. Usebenze nakwiMaritzburg United.
Ephawula ngomdlalo wabo neRichards Bay, uthe: “Ngeke silenze iphutha lokubathatha kancane, baseyiqembu elihle. Banabadlali abahle, amandla abagadli abenjenngoNtsundwana (Somila), Figuareido (Justice) nejubane likaBarns (Sanele).
Bayiqembu okungelula ukubhekana nalo, ngakho sizosebenzisa amaqhinga ethu ukuze sikwazi ukubanqoba, ngoba siyawadinga amaphuzu kulo mdlala wabakhaya.”
Phezu kokuba Abafana Bes’thende bese behlulwe imidlalo eminingi, ngokunqoba kwabo kanye nje kwiPolokwane, banyukele endaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership.
Ngakolunye uhlangothi kusabheda uhlelo kwiNatal Rich Boys eqeqeshwa wuVusumuzi “Kanu” Vilakazi oke waba ngumqeqeshi waBafana Bes’thende, ibalwa namaqembu avika izembe kwiPremiership.
Isendaweni ka-15 kwi-log, ngaphezudlwana kweCape Town Spurs, nokusho ukuthi ukwehluleka kwayo ukubuya namaphuzu kulo mdlalo we-Arrows kungayifaka otakwini uma iSpurs inqoba kwiMoroka Swallows ngeSonto.