OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uSteve Komphela, uthe munye kuphela umqeqeshi ofanelwe umklomelo wePSL Coach of the Season, uzakwabo uRhulani Mokwena.
UKomphela osebenza ngaphansi kukaMokwena eqenjini elikhulu leSundowns. Isikhundla sakhe sokuba yi-head coach sithathwe nguManqoba Mngqithi ngesikhathi izintambo zinikwa uMokwena nyakenye.
Lo mqeqeshi uthe uma kuya ngemiphumela nempumelelo yeqembu, akekho omunye umqeqeshi okumele abhekwe ngaphandle kukaMokwena.
Selokhu uMokwena aba yinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu elizinze eChloorkop ngo-Okthoba nyakenye, selinqobe imidlalo engu-15 kwengu-17 eliyidlale ngaphansi kwakhe.
“Kufanele kube njalo. Ningamrobhi,” uphendsule kanje uKomphela ebuzwa kuthi uMokwena ufanele yini ukuqokwa njengomqeqeshi ovelele kuleli. Ubekhuluma ngoMsombuluko ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
“Kujwayele ukuthi kuthiwe izinto azenziwe ngendlela ethile ngenxa yezizathu ezithile kodwa wenze umsebenzi oncomekayo. Kufanele sibe neqiniso.
“Akuyona indawo yami ukusho ukuthi kumele bamnike noma bangamniki, kodwa imisebenzi yakhe ithi ayikho enye indlela.”
Laba baqeqeshi baqala ukusebenza ndawonye ngesikhathi uKomphela esakwiPlatinum Stars ngo-2009/10.
NoMokwena akakaze afihle ukuthi nguKomphela owamnika ithuba lokuqala lokuqeqesha iqembu elisesigabeni esiphezulu kwiDikwena. Njengoba sebephinde bahlangana eChloorkop sebeqopha umlando omusha.
UKomphela uvumile ukuthi yena nomunye owaywengumqeqeshi weStars, u-Alan Freese, basheshe balibona ikhono likaMokwena, kodwa usethuthuke kakhulu manje.
“Useyinkunzi kakhulu manje. Akukholakali kodwa kuhle ukumbona edlondlobala kangaka,” usho kanje.
“Nangesikhathi sindawonye kwiPlatinum Stars no-Alan Freese kwakucacile ukuthi ungumuntu osebenza ngokuzikhandla futhi ozimiselayo. Sekudlulele kwelinye izinga manje.
“Ungumuntu okhaliphe kakhulu. Ngeke uqale ukuqeqesha usemncane uma ungawusebenzisi umqondo.
“Ngeshwa ebholeni lamanje akubhekwa kuphela ukuthi umsebenzi wakho uwenza kanjani uma kukhulunywa ngamaqhinga asenkundleni. Kufanele ukwazi ukumelana nezinye izinto ezenzeka eceleni futhi ukwenza kahle kakhulu lokho.”