AKAWUVALI umlomo umqeqeshi osanda kuthatha izintambo kwiLamontville Golden Arrows, uSteve "Mphathi" Komphela, ngakubiza ngokuvuthwa emkhakheni wokuqeqesha afike wakubona kuMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu asebengamaphini akhe.
Kubukeka ukufika kukaKomphela kube yisibusiso kuleli qembu likaMato Madlala njengoba linqobe okokuqala emuva kwemidlalo ewu-11 lifa yinduku.
Lidlule kwiPolokwane City ngo-1-0 wegoli elihle elishaywe uNduduzo Dladla seliyozilahla kunina.
UKomphela obekwiMoroka Swallows, uthathe izintambo kuKhenyeza ngesonto eledlule, obesizwa uBilankulu kanti bekubukeka umkhumbi ucwila ngaphansi kobuholi bakhe.
I-Arrows inqoba nje, yayikade igcine ngo-Okthoba ukuthola amaphuzu, ihlula iKaizer Chiefs ngo 2-1 koweligi. Nokho ithe inganqoba yagxumela endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-26 emidlalweni ewu-20.
Ngemuva komdlalo, uKomphela uqale wacacisa ukuthi uKhenyeza ubengekho ebhentshini ngenxa yesigwebo samakhadi.
Uveze nokuthi uqeqeshe i-Arrows izinsuku ezimbili ngaphambi komdlalo wePolokwane. Wonke umsebenzi wenziwe ngamaphini akhe.
Uqhube wathi kuyisibusiso kuye ukuthi useqeqesha nabantu ake wabaqeqesha besadlala phambilini.
"Into engifike ngayibona kwi-Arrows ukuthi uMabhuti noBilankulu bakhule ngendlela eyisimanga kwezokuqeqesha. UBilankulu ngimqeqeshe ngo-2005 eqenjini lesizwe lika-Under 23. Okungihlabe umxhwele ukuthi ngithe uma ngihlala nabo phansi, sibhunga ngamaqhinga ebhola kwangicacela ukuthi bavuthiwe emqondweni.
“Ngizwe ngiziqhenya. La bantu ngibaqeqeshile phambilini, namhlanje sebengozakwethu. Ngibe sengizibuza ukuthi njengoba ngiqeqesha, ngizenzela mina noma ngithuthukisa nabanye? UMabhuti noBilankulu benza umsebenzi omkhulu kuleli qembu," kubeka uKomphela.
Ube eseveza nesizathu esimenze wangangabaza ukuthatha umsebenzi wokucika i-Arrows. UKomphela uthathe lo msebenzi ngemuva kokwehlukana neMoroka Swallows.
"Ngamphambi kokuya eThekwini, ngikhulume nomngani wami. Ube nokunqikaza, wathi kimi kuzokwenzakalani uma ngihluleka. Uma ubuswa ukwesaba ngeke uye ndawo. Ukwenze nganganqikaza ukuthi vele phambilini ngike ngasebenza kwi-Arrows. Ngiyamazi usihlalo wayo ukuthi uyabaseka abaqeqeshi bakhe. Ngithe uma ngibheka indawo leli qembu elikuyo kwi-log ngase ngithi kimi, Steve hamba uyosiza. Vele bengihleli ekhaya, ngingenzi lutho. Ngifike ngaxhumana kahle nabantu engake ngasebenza nabo nebengiqala ukuba nabo."
Mayelana nomdlalo, uKomphela ubancome kakhulu abadlali bakhe ngokuyibamba ishisa.
"Akukho okutheni engifike nakho. Leli qembu ngibe nalo izinsuku ezimbili kuphela. Empeleni labo abebeyibuka imidlalo ye-Arrows bazovumelana nami uma ngithi ibidlala kahle. Kwesinye isikhathi udinga inhlanhla. Ngichazekile ngendlela abafana bami abamake ngayo nokuzinikela. Sikhumbule akukho lula ukudlala ePolokwane, kuyashisa.“
I-Arrows izoze idlale nomkhaya bayo, iRichards Bay, ngoMashi 31, eMpumalanga Stadium.