UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, ucela abalandeli beqembu lakhe ukuthi basike iphethini ezitheni zabo, iStellenbosch FC, athi ivuna ekutshalile ngenxa yokubekezela.
EzikaKomphela zibhaxatshulwe yiStellies ngo 3-0 ngesonto eledlule emdlalweni weDStv Premiership. Bekuwumdlalo wesihlanu kulandelana zihluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu.
Selokhu lo mqeqeshi efikile usehlale ebhentshini emidlalweni eyisikhombisa. Efika wavula ngamaphuzu amathathu beshaya iPolokwane City.
Kolandelile bahlule iRichards Bay. Kube sekulandela isibhaxu sika 7-1 kwi-Orlando Pirates njengoba sebeshaywa yiStellies. Kweminye emithathu badlale ngokulingana.
I-Arrows isendaweni ka-11namaphuzu awu-32 emidlalweni ewu-26.
UKomphela ucele abalandeli baBafana Bes'thende ukuthi bamnike ithuba ngoba usakha. Uthe unohlelo oluqondile asebenzela phezu kwalo, oluzoletha injabulo uma seluvuthiwe.
Uyincome kakhulu iStellenbosch ngokudlala ibhola elihle. Uthe uhlelo ebisebenzela phansi kwalo selukhiqiza izithelo.
"Wothi nginikhumbuze, iStellenbosch ngesizini ka-2020/21, ivike izembe kukubi. Beyisakha. Kweka-2021/22 ilale isine, kwedlule yasonga kweyesithupha. Bheka kwephezulu ukuthi uhlelo lwayo luyenzelani. Impumelelo yeStellenbosch akuwona umlingo. Yimiphumela yohlelo abaluqala ngemuva kokuvika izembe ngo-2020/21. Kumele abantu basike iphethini kuleli qembu. Uma wakha okuthile kumele ubekezele. Yiko okuwukhiye," kubeka uKomphela.
Uqhube wathi yonke into iStellenbosch eyithintayo iphenduka igolide.
"NgisekwiKaizer Chiefs ngakhuluma ngesihlahla okuthiwa i-bamboo. Abantu bavele bahleka. Umgogodla webhola ukubekezela nokukholelwa ohlelweni osebenzela phezu kwalo. Isibonelo, izithelo zokuqeqesha umdlali we-Arrows, ngo-2024, zingaze zivele ngo-2030. Mhlawumbe hhayi kuyo, kusengenzeka zivele esedlala eNdebeni yoMhlaba eminyakeni ezayo. Okwenzeka ebholeni ngikufanisa nokuqhubeka kuleli. Abantu bafuna imiphumela ngokushesha. Abafuni ukubekezela. Sifuna izinto zenzeke manje.“
Uthe bazobuyela emuva, babheke ukuthi konakale kuphi bese belungisa. Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi iStellenbosch ibashaye ngezinto abadlali bakhe abebatshelile ngazo.
"Besidlala neqembu osekuphele imidlalo ewu-24 lingahlulwa. Uma uzodlala neqembu elinje, abadlali bakho kumele ubatshele ukuthi abezudlala nerekhodi kodwa bazobhekana nabanye abasensimini. Usho la mazwi ngoba ulapha imiqondo yabo," kubeka uKomphela.
Namuhla ezakhe zizobhekana neMamelodi Sundowns ngo-7.30 ebusuku, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
UZuko Mdunyelwa weSundowns uthe kumqoka ukuthi bangayithathi kancane i-Arrows, ikakhulukazi ngoba bayazi ukuthi wonke amaqembu azolwela ukubashaya njengoba bengakahlulwa kwiligi.
"Kule midlalo esisalele sifuna ukuqhubeka nerekhodi lokungashaywa. (I-Arrows) Ihlale ikwi-Top 8, kulokhu ingaphandle. Silindele ukuthi isihlasele ngakho konke enako. Ifuna ukubuyela endaweni enhle. Akulona iqembu ongaleya noma ucabange ukuthi lizokunika umdlalo olula. Okunye ukuthi njengoba singakaze sishaywe kwiligi wonke amaqembu afuna ukuphula leli rekhodi. Okuhle ukuthi asikunakile lokho, sibheke indlela esidlala ngayo,“ kusho uMdunyelwa.