IBHOLA laseNingizimu Afrika liyaludinga uhlobo lwabadlali abakwazi ukujika indoda abanjengoJoel “Ace” Mnini, Nelson “Teenage” Dladla noJabu “Shuffle” Mahlangu ngenhloso yokugudluza “ibhasi esipakwa” ngamanye amaqembu eDStv Premiership.
Lowo ngumbono womqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, obekhuluma ngomdlali waleli qembu, uSiyanda “Skhwishi” Mthanti.
Lo mdlali wasophondweni lwesokudla usekhombise izimpawu zokuba yilolu hlobo lomdlali onomjiko oya phambili okwazi ukuqhelisa indoda endleleni ngomjiko ngaphambi kokugoba amabhola ayingozi.
UMnini noDladla badlala ngesikhathi esifanayo seminyaka yo-1980, uMahlangu wadlala ngasekupheleni kweminyaka yo-90 kuya ko-2000.
“Uqhamuka eqenjini lethu elincane. Ngabulawa nguye ngisekwiSwallows (esho sakuncokola), eshaya igoli le-Arrows. Ngazibuza ukuthi ngubani lo mdlali?” kusho uKomphela.
“Ngenxa yokuthi abaqeqeshi bagxile kakhulu ekuvaleni emuva, ngakho siyabadinga abadlali abanjengoMthanti abakwaziyo ukujika indoda kuvuleleke izikhala zokushaya amagoli.
Ebholeni lethu sebembalwa abadlali abanomjiko oya phambili, nengicabanga ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzomele sibuyele kusikompilo lwethu lokuba nalolo hlobo lwabadlali abanjengoJabu Pule (Mahlangu), Ace Mnini noTeenage Dladla, ngoba amaqembu amaningi asethanda ukuhlala emuva apake ibhasi.”
UMthanti obeluthwalise kanzima udonga lwasemuva lweRoyal AM ngomjiko nokugoba amabhola ayingozi, ube nesandla egolini leGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership ophelele ngo 1-1 eMpumalanga Stadium, ngempelasonto edlule.
“Uma ubheka nakoManchester City banabadlali abanjengoGrealish (Jack) noJeremy Doku, abajikanayo.
NakwiPSG ngenkathi idlala neBarcelona muva nje (kwi-Uefa Champions League) elinye lamagoli ayo elishaywe wuVitinha liqhamuke ngomjiko.”
UMthanti (20) ongumdlali othembisayo, udabuka eDoornkop, eDannhauser. Yisizini yakhe yokuqala edlala esigabeni sePremiership. Usadlale imidlalo engu-21 washaya igoli elilodwa waba nesandla kwamabili.
Ubonwe yizinhloli ze-Arrows edlala kwiNewcastle All Stars edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, kumasizini amabili edlule, wadlala isizini eyodwa eqenjini le-Arrows leDStv Diski Challenge.
Abafana Bes’thende abasemshikashikeni wokulwela ukuzibekisela indawo kwiTop 8 kwi-log, bazobhekana neCape Town City ngeSonto, ngo-5.30 ntambama, eCape Town Stadium, eKapa.