AKUKAZIWA mbhantshi kujiya ngekusasa lomqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela, ngemuva kokuphefumula kwakhe okokuqala ngesimo sakhe kuleli qembu laseSoweto.
UKomphela akakahlangani kuze kube manje nabadlali bakhe ukuqala amalungiselelo okuziqeqeshela ukubuyela emidlalweni yeDStv Premiership eqala ngesonto elizayo ngemuva kwekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon).
Njengoba kuke kwaba namahlebezi okuthi uKomphela wenqatshelwe ukungena enkundleni lapho kuziqeqeshela khona abadlali beSwallows, lo mqeqeshi ukuphike wama ngentaba lokho, wacacisa ngokusobala ukuthi akakaze alubeke olwakhe unyawo eduze kwamahhovisi kumbe enkundleni yokuziqeqesha yaleli qembu kusukela ngoDisemba.
“Angikaze ngenqatshelwe ukungena (enkundleni). Ngisalinde ukuzwa ngabasehhovisi (leSwallows) ukuthi kubuyelwa nini ejimini, ngoba ngemuva kokukhanselwa kwemidlalo yethu okwakumele siyidlale ngoDisemba, satshelwa ukuthi asikezukubuyela ejimini kuze kube yisikhathi esiyotshelwa ngaso ukuthi sibuyele,” kusho uKomphela engxoxweni abenayo ohlelweni lwezemidlalo kwiRadio 2000.
“Imidlalo yeligi iyaqala ngesonto elizayo. Mhlawumbe luzobakhona ushintsho, sitholakale isisombululo nendlela eya phambili. Kodwa njengamanje ngihleli ngiyayibuka nje le filimu edlalayo (yeSwallows).
Angifuni ukukhuluma ngezindaba zeSwallows kuze kube ngiyaxoxa nabo abaphathi beqembu.
Mina ngabizwa kwiSwallows ukuzosiza. Sasisendaweni yesine kwi-log, kwabe-ke sekuqala lezi zinkinga. Kumanje angazi ukuthi yikuphi okuzolandela ngoba kuningi osekwenzekile manje.
Kube nezigcawu zokuqondiswa kwezigwegwe kwabadlali, kwaba khona abaxoshwayo mina ngingazi. Kwaba khona abadlali abafikayo ukuzoziqeqesha neqembu, nakhona futhi lapho angangaziswa,” kuqhuba uKomphela.
Lo mqeqeshi uqhuba uthi abalandeli baleli qembu bamshayela ucingo bemcela ukuthi abuye.
“Kodwa uma ngibuya ngizongena kanjani kule ndawo ngoba okuningi kunhlakanhlaka. Amalungiselelo amaningi okuqala kwemidlalo kubukeka enzeka ngingekho mina. Ngizoyishayela kanjani imoto engingayikhandanga.”
UKomphela ukhuluma kanjena nje iZinyoni kumele zibuyele ensimini ngomdlalo wePremiership wasekuhambeni neCape Town City, eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Leli qembu elikhungethwe yizinkinga lizithole lihlawuliswa uR1 million yikomidi lePSL eliqondisa izigwegwe ngokwehluleka kwalo ukuya emidlalweni okwakumele liyidlale neMamelodi Sundowns ngoDisemba 27, neGolden Arrows ngoDisemba 30.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba abadlali baleli qembu bateleka, bekhala ngokungaholi, nokuze kwaholela ekutheni iningi labo libizelwe esigungwini sokuqondiswa izigwegwe ngaphakathi kuleli qembu, kwabe sekukhonjwa indlela abangu-22 ngoJanuwari.
Udaba lwabanye balaba badlali beZinyoni lungenelelwe yiSouth African Football Players Union (Safpu).