SITHEMBISO MKHIZE
AKASIBONI isidingo sokutatazela umqeqeshi weBaroka, uVincent Kobola, ngendlela abaqale ngayo kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngesizini edlule leli qembu laseLimpopo lehliselwe kulesi sigaba ngemuva kokusonga kwiDStv Premiership livale ibhuleki ngamaphuzu awu-22.
Ambalwa amaqembu athi ehlele esigabeni esingenzansi, kuthi ngesizini ezayo abuyele kwesingenhla.
Kowokuqala kwiChampionship, iBaroka ibingelelwe Uthongathi ngo-2-1.
Kowesibili iphinde yahluleka ukunqoba, ibambana ne-All Stars ephuma kwi-Safa ABC Motsepe League.
Ithemba libuyile ishaya iPretoria Callies nomkhaya bayo iBlack Leopards ngokulandelana.
Ngempelasonto edlule iphinde yashaywa yiVenda FC ngo-1-0.
UKobola uthe kusesekuseni ukuthi bangashaywa yingebhe abalandeli babo.
"Okokuqala, ihluke kakhulu indlela okudlalwa ngayo kulesi sigaba nakwiPremiership. Sisazama ukuthola isitayela sakhona. Okwesibili, iqembu lishiywe yinqwaba yabadlali. Okwesithathu, akonakele njengoba abantu becabanga. Iqembu elihleli esicongweni lisishiya ngamaphuzu amane kuphela. Iligi ifana nomjaho wamabanga amade, indlela iseyinde. Amaqembu amaningi asazoqhuzuka," kubeka uKobola oke wasebenza nakwiMaritzburg United.
NgoMgqibelo, ngo-3.30, iBaroka izodlala nabanye omkhaya bayo i-TTM, eGlobal Stadium. UKobola uthe njengoba bephuma endukwini kubalulekile ukuthi bawunqobe umdlalo.
"Sifuna ukuya ekhefini leNdebe yoMhlaba ngoDisemba sisemaqenjini aphezulu. Sisiphelele isikhathi sokulahla amaphuzu. Kasifuni ukuxhamazela emzuliswaneni weligi olandelayo. Umdlalo wethu ne-TTM uzoba nzima. Sizobe sibanga ukuthi wubani ingqwele yeMotsepe Foundation, eLimpopo," kusho umqeqeshi.
I-TTM esendaweni yesibili, ngamaphuzu ayishumi, ngempelasonto edlule ibambane ngo-1-1 neMagesi.
Isinqobe emithathu, yadliwa yaphinde yadlala ngokulingana kanye.
Imidlalo yeMotsepe Foundation ngale mpelasonto:
NgoLwesihlanu Ngo-3.30 pm: MM Platinum v Venda (Bidvest Stadium).
NgoMgqibelo Ngo-3.30 pm: Casric v Callies (Solomon Mahlangu Stadium); Baroka v TTM (Globe Park); JDR v Lions ( Soshanguve Giant Stadium); Spurs v Polokwane (Athlone Stadium); Leopards v Rovers ( Malamulele Stadium).
NgeSonto Ngo-3.30pm: University of Pretoria v All Stars (Tuks Stadium), Uthongathi v Magesi (Princess Magogo Stadium).