UQWEQWE lukanozinti ongaconsi phansi kwabanye abalandeli beKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uphumele obala ngokwenza alizwe ngaphakathi iTheku, kangangokuthi uze wabona kungcono ukuthi abheke kwelikaBhanana ngesikhathi esethatha inkosikazi.
UKhune (36) osetsheliwe iChiefs ukuthi isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024 eyakhe yokugcina engumdlali, usanda kuhlala phansi neSolezwe okuyilapho kuvele khona uthando lwakhe ngaleli dolobha alichaza njengekhaya kuyena.
Kusukela uKhune efikile ezinkulisa zeChiefs ngo-1999 waze wakhushulelwa esikimini esikhulu ngo-2004, lo nozinti waseVentersdorp, eNorth West, oseke waba wukaputeni weBafana Bafana, akakaze alidlalele elinye iqembu ngaphandle kwaMakhosi.
“Kunomuzwa engingeke ngikwazi ukuwuchaza ongifikela njalo uma ngifika eThekwini, kungakhathalekile ukuthi ngihamba neChiefs noma ngizihambela mina,” kusho uKhune.
“Lo muzwa ngike ngiwuzwe uma ngisekhaya kodwa okwenza ngixhumane kakhulu naleli dolobha wukuthi ngiyilo muntu engiwuye namuhla nje, konke kwaqala eThekwini.
Emuva kwamasizini amathathu elindile, uKhune wagcina elitholile ithuba lakhe eqenjini elikhulu ngo-Agasti ka-2007 kulandela ukuthola amadlelo aluhlaza, kukaRowen Fernandez, owayeya kwi-Armenia Bielefeld yaseGermany.
Omunye unozinti owayekhona ngaleso sikhathi, u-Emile Baron, wayehlushwa wukulimala, okwenza uKhune wadlala owokuqala esigabeni esikhulu eKings Park Rugby Stadium, eThekwini.
“Kuhlale njalo kuyisibusiso ukuba seThekwini ngoba kuningi okuhle nokukhulu okwenzeke empilweni yami ngikuleli dolobha,” kusho uKhune emamatheka.
“Ngo-2007 konke engangiphupha ngakho kwenzekile, ngidlala okokuqala esigabeni esikhulu sibhekene neJomo Cosmos.
“Ngeke ngiwukhohlwe lowo mdlalo futhi namanje ngisakhumbula ukuthi ngangenelwa yigoli okwaba yiphenathi kuwona. Ngaso sonke isikhathi uma ngiseThekwini kuba nento eyenzeka kimina ngaphakathi engingeke ngayichaza.
“Mhlawumbe kungenxa yalo muzwa ngibheke ngakuleli dolobha ngesikhathi sengithatha usofa-silahlane.
“Sekuyindaba endala ukuthi ngivuke nayo KwaZulu indlovukazi yami. Ngiyakujabulela ukuba seThekwini futhi ngisakulambele ukwakha omunye umlando kuleli dolobha,” kuchaza uKhune.
Ngo-2019, uKhune ushade owesintu noS’phelele Makhunga, wase-Winston Park, eThekwini.
Kusobala-ke ukuthi akaqambi amanga uKhune uma ethi uyazifela ngeTheku, kwazise phambilini kuke kwabikwa ukuthi uhlekisana noMinnie Dlamini noS’bahle Mpisane bobabili abadabuka kulona leli dolobha.