UMDLALI wasemuva weHollywoodbets Sharks, uJordan Hendrikse, ube ngumdlali wakamuva ukubizelwa eqenjini lamaBhokobhoko elizodlala phesheya ngenyanga ezayo kulandela ukuhoxa kwabathathu ngenxa yokulimala.
UHendrikse nabadlali baphambili, uJohan Grobbelaar noWilco Louw, babizwe wumqeqeshi uRassie Erasmus ukuzovala izikhala zabathathu abalimele, uDamian Willemse, uJan-Hendrik Wessels noFrans Malherbe.
Lo mdlali, ongumfowabo womunye wabadlali bamaBhokobhoko, uJaden Hendrikse, udlale okokuqala eqenjini lesizwe ngesikhathi libhekene neWales eLondon ngoJuni. Usezojoyina iqembu lapho lizilolonga khona eJersey kusasa.
“UJordan udlale kahle kakhulu kwiHollywoodbets Sharks kwi-URC futhi usevele ungumdlali wamaBhokobhoko ngakho-ke uyazazi izinhlelo zethu. Yithuba elihle lokuthi aphinde abonakale ezingeni lomhlaba nakumaBhokobhoko uqobo,” kusho u-Erasmus.
“Ungumdlali onekhono futhi ulokhu ekhula njengoba sibonile ngephenathi eyanqobisa iSharks isicoco seCurrie Cup. Kuyasijabulisa ukubona ukuthi yini angayengeza eqenjini lesizwe.”
AmaBhokobhoko aqale amalungiselelo awo eJersey ngoLwesibili. Atheleke kulesi siqhingi ngoMsombuluko.
U-Erasmus uthe bagqemeke ingozi ngokulimala kukaWillemse futhi uyamzwela lo mdlali njengoba ephuthwe iyona yonke imidlalo esadlalwe yiqembu lesizwe kulo mqhudelwano kulandela ukuhlinzwa emunweni. Kulokhu uthinteke enyongeni edlalela iDHL Stormers kwi-URC.
“Kuyadumaza ngoba uDamian ubedlala kahle kwiStormers selokhu abuya ekulimaleni futhi siyazwelana naye ngemuva kokuphuthelwa yimidlalo engu-10 kule sizini ngenxa yokulimala. Kuyishwa ukuthi uzochitha isikhathi esiningi engadlali ngenxa yokuphinde alimale,” kusho u-Erasmus.
Ezika-Erasmus zizobhekana neScotland, e-Edinburgh, ngoNovemba 10 i-England ngoNovemba 16 neWales ngoNovemba 23.