UNOZINTI ongaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usanda kugeqa amagula ngezivumelwano ezikhona phakathi kwakhe naleli qembu kwinkontileka yesizini eyodwa asanda kuyisayina.
Kungase kube eyokugcina engumdlali kule sizini yeDStv Premiership uKhune ongomunye wabadlali abebegqame cishe ukubedlula bonke eNingizimu Afrika eminyakeni eyishumi edlule. Ubonakale okokuqala kwiChiefs esengumfana ngasekupheleni kuka-2004.
Yize ebengafuni ukuphumela obala ngokuthi uzothi khumu uma kuphela inkontileka entsha kodwa kuvelile enkulumeni yakhe yakamuva neSolezwe ukuthi usekulungele ukutshalwa Amakhosi noma ikuphi lapho ebona kufanele khona ngisho nangaphandle kwenkundla.
Ngaphandle kwezicoco azibhubhudle kwiChiefs, uKhune uke waba unozinti okunguyena yedwa ogenqeza phambili ngokwethalente kuleli njengoba eke waba nawukaputeni weBafana Bafana.
Lo mdlali utshele leli phephandaba ngenjabulo yakhe ngendlela iChiefs eluphathe ngayo udaba lwenkontileka yakhe.
“Okungenze ngazizwa ngihloniphekile ukuthi iChiefs ayizange ingifihlele kepha ingitshelile ukuthi ngokweminyaka yami (36), ngeke ngiyidlale yonke imidlalo obekusho ukuthi nenkontileka engizoyithola ihlukile kulezi engizijwayele,” kusho uKhune.
“Angizange ngifihlelwe ukuthi ngizohlala ebhentshini isikhathi esiningi kepha kwacelwa ukuba uma iqembu lingidinga lingithole ngikulungele lokhu elizobe likufuna kimina.
“Anginankinga nalokhu abangitshele khona ngoba baqale bakhombisa ukungihlonipha. Okunye ukuthi leli joka abanginika lona ngiyalithanda ngoba ukuqinisekisa ukuthi ngibabamba ngesandla abafana abancane yinto ebengivele ngiyenza.
“Bekuvele kungumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi abadlali bakusasa beChiefs okuhlanganisa nonozinti, basesimeni esidingekayo ngaso sonke isikhathi,” kuqhuba uKhune.
Uvumile nokho lo nozinti odle amaligi amathathu, Telkom Knockout (3), MTN 8 (2), Coca Cola Cup, SAA Supa 8 ne-Absa Cup neChiefs, ukuthi ubemincile ukuthi kuzogcina kwenzekeni.
“Ngathi kukhona umthwalo osukile emahlombe ngokuthola le nkontileka ngoba ngesikhathi ingakabekwa phezu kwetafula bengingakwazi okuzokwenzeka.
“Kunezivumelwano esizenzile ngekusasa lami eqenjini ngakho-ke ngineme ngoba nethuba lokudlala lisekhona (alizange livalwe),” kusho yena sakuncokola.
“Ngiyabonga kusihlalo weqembu, uKaizer Motaung Snr nebhodi lonke ngokunginika leli joka engingangabazi ukuthi ngililungele futhi ngizolithwala ngokuzithoba nangokwethembeka,” kuphetha uKhune.
Selokhu kuqale isizini ezintini kwiChiefs kuvimba uBrandon Petersen, uKhune usebhentshini. Amakhosi anephuzu elilodwa kwiligi, azovakashela i-TS Galaxy ngeSonto ngo-3 ntambama, eMbombela Stadium.