UKAPUTENI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, udidwa ngabadlali abashaya udaka enkundleni ekubeni bevutha bengabaselwe ejimini.
IChiefs itabalasa endaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership. Isawine kanye emidlalweni eyisikhombisa esayidlalile kule sizini. Ukushaya into ephansi kwaMakhosi akusehli kahle kubalandeli kwazise sekukhona asebeqala ukubungabaza ubuholi bomqeqeshi u-Arthur Zwane okuqale isizini emthwele ngeqoma.
Ngaphandle kukaZwane, abalandeli sebeqala ukuhhewula abadlali abathize abangenzi kahle. Iningi labo lithakaselwe ngabalandeli ngesikhathi lisayiniswa yiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini.
UKhune, obekukhalelwa ukuthi abuyiselwe esikimini ngenxa yesipiliyoni nobuholi bakhe, uthe enkundleni zishabalala zonke izimanga ezenzeka ejimini.
"Asenzi kabi kodwa akusona isiqalo ebesikade sisifuna. Umsebenzi nomthwalo wami wukukhumbuza abadlali ukuthi sidlala kahle kanjani, singakholelwa kangakanani kithina nokuthi singazikhipha kanjani kulesi simo esizifake kusona. Ngakho kufanele sihlale sikholwa (ukuthi kuzolunga). Kufanele nje sisebenze kanzima uma siziqeqesha.
“Noma yini esiyenzayo uma siziqeqesha, kufanele siyenze emidlalweni ngoba ejimini sishaya amagoli amahle, sivimbe amabhola amabi. Wonke umuntu wenza okusemandleni endaweni ayidlalayo. Kodwa ngosuku lomdlalo, angazi ukuthi yini engena emakhanda ethu ngoba asikwenzi lokhu esihlala sikwenza ejimini. Yilokho okufanele sikulungise," kusho uKhune.
Uqhube wathi abanye abadlali abakakholwa wukuthi sebedlalela iChiefs.
"Iyangikhubaza lento ngoba wonke umuntu unomsebenzi okufanele awenze ukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu libuyisa izinsuku zenjabulo. Ngokwami ngibona sengathi iningi lethu lisajabulela ukuba seduze kwabadlali abadumile noma asikakholwa ukuthi sesidlalela iKaizer Chiefs ngoba asikenzi lutho.
“Kufanele sikuqonde ukuthi sesidlalela iKaizer Chiefs manje, siqale ukudlalisa okomdlali weKaizer Chiefs ngoba abalandeli bafuna imiphumela, nokuthi sidlale kahle ngaso sonke isikhathi. Yilokho okufanele sikulungise, "kusho uKhune.
IChiefs, ebuye seliyoshona iphuma nephuzu kwiMarumo Gallants emdlalweni weligi ngempelasonto edlule, izokwamukela iSuperSport United eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-8 ebusuku.
"Siyazi ukuthi yini iSuperSport engayenza. Siyibukile imidlalo yayo embalwa. Siyihlaziyile ngakho siyakwazi okufanele sikulindele. Silindele amabhola amade nagotshwayo. Sihlela indlela yokubavimba kulokho. Lokho kuzosinika ithuba lokuwina. Sidlalela ekhaya, kufanele siwuphathe wonke umdlalo," kusho uKhune.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa -Ngo-3pm: Golden Arrows v Swallows (Princess Magogo Stadium); Chippa United v Marumo Gallants (Nelson Mandela Bay Stadium).
Ngo-5.30pm: Sekhukhune United v Stellenbosch (Peter Mokaba Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Loftus Versfeld); Ngo-5.30pm: Richards Bay v TS Galaxy (King Zwelithini Stadium).
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla-Ngo-3pm: All Stars v Polokwane (Bidvest Stadium).
NgoMgqibelo-Ngo-3 pm: Callies v Tuks (Lucas Masterpiece Moripe Stadium); TTM v Venda (Thohoyandou Stadium); Lions v Rovers (Windhoek Drought Park).
NgeSonto-Ngo-3pm: Leopards v Baroka (Malamulele Stadium); Magesi v Casric (Pietersburg Stadium); Platinum v Uthongathi (Bidvest); Spurs v JDR (Athlone).