UNXUSA abalandeli ukuthi babe nesineke yize iqembu lisahluleka ukubamba umgqigqo omuhle isikhathi eside ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune.
Amakhosi agcina ukuphakamisa indebe ngeyeligi ekupheleni kwesizini ka-2014-15, okusho ukuthi sekuphele amasizini ayisikhombisa ehluleka ukunqoba isicoco.
UKhune uthe nakuba besazi isikweletu abanaso kubalandeli kodwa badinga ukwesekwa njengoba besaqhubeka nokuhlanganisa iqembu.
Ngempelasonto edlule, abanye abalandeli beChiefs bakhombise ukuhluleka wukubekezela, behhewula umqeqeshi u-Arthur Zwane, ngemuva kokwehlulwa iLamontville Golden Arrows ngo-3-2 kweDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium.
Imibiko ithi uZwane uphume enkundleni esegadwe amaphoyisa enkundleni abalandeli bemusho ngenhlamba, abanye belibeka ngembaba elokuthi akahambe.
“Siyazama ukuqinisekisa ukuthi abadlali abasha bayazinza eqenjini. Ngaphambilini, sike sagxekwa ngokudlala ibhola elihamba emoyeni liqonde ngqo phambili,” kusho uKhune obekhuluma esithangamini sabezindaba ekuqaleni kwesonto eVodaworld, eGoli.
“Kule sizini izinto zishintshile futhi sonke siphupha ngokudlala uhlobo oluhle lwebhola iKaizer Chiefs eyaziwa ngalo.Sizoqhubeka nokwenza lokho futhi ngeke sivumele izinkulumo zangaphandle ukuthi zisiphazamise.
“Sonke siyakwazi okulindelekile uma uthengwa yiChiefs. Leli yiqembu elinezicoco eziningi kunawo wonke eNingizimu Afrika. Yiqembu elaziwa ngokunqoba izindebe njalo ngesizini.
“Siyazi ukuthi sesibaphoxe kakhulu abalandeli bethu, usihlalo, nabo bonke abantu abayingxenye yeqembu. Kusiphatha kabi ukuthi sekudlule isikhathi esingaka singanqobi lutho.
“Kumele sibhukule ukuze siguqule isimo. Lokhu singakwenza ngokushintsha indlela esicabanga ngayo nendlela esenza ngayo izinto, sibuyisele iqembu endaweni efanele.”
Umqondisi wezemidlalo kwiChiefs, uKaizer Motaung Jr, uyavumelana noKhune ngokuthi liqhakazile ikusasa leqembu, yize imiphumela isagqoza.
“Njengabaphathi umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi abadlali banakho konke abakudingayo ukuze benze umsebenzi wabo ngokukhululeka, siphinde sithenge abadlali abafanele,” kusho uMotaung.
“Njengamanje sihlelela ikusasa futhi senza izinqumo ezizothuthukisa iqembu. Sicela isineke kubalandeli baMakhosi. Siyazi kunzima, akekho noyedwa kithina ogculisekile ngendawo esikuyona kwiligi.
“Sesiqalile ukudlala ibhola elithokozelwa ngabalandeli bethu kodwa kumele lihambisane nemiphumela emihle. Sicela baqhubeke nokuseseka ngoba siyababona abadlali abasebasha abathembisayo futhi abazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abalandeli bayamamatheka.”
IChiefs kuzomele ilwele ukwesula izinyembezi zabalandeli emdlalweni womkhaya ne-Orlando Pirate ngoMgqibelo, ngo-3-30 ntambama, eFNB Stadium.
Ngaphambi kokuhlulwa i-Arrows, beyinqobe iMaritzburg United ngo-2-0 esikhatihni esengeziwe koweNedbank Cup.
Ifomu yazo kwiligi iyantengantenga kulo nyaka njengoba ziwuvule ngokuthola isibhaxu imidlalo emithathu ilandelana, zidliwa yiSekhukhune United, AmaZulu neMamelodi Sundowns.
Zivuke ngokudla iRoyal Am ngo-2-0, zabambana neTS Galaxy ngo-0-0 ngaphambi kokujikelwa yi-Arrows.
UKhune uthe umphumela womdlalo wakamuva akumele uthathwe wodwa kodwa kufanele kubhekwe ukuthi iqembu lidlala kanjani.
“Wonke amaqembu nabo bonke abadlali bayathanda ukunqoba umdlalo womkhaya. Wumdlalo okukhulunywa ngawo futhi yithuba labadlali lokukhombisa ithalente labo. Sihlose ukuwunqoba ukuze abalandeli bethu bakwazi ukuqhosha,” usho kanje.
“Siya kulo mdlalo ngomqondo wokuthi sizowunqoba amahlandla amahlanu elandelana. Sidlale kahle sibhekene ne-Royal AM neTS Galaxy, ngeke siphenduke iqembu elibi ngokuhlulwa kanye.
“Siyiqembu elikhulu futhi siyazethemba. Sinxusa abalandeli bethu ukuthi baseke iqembu futhi izinto zizobuyela esimeni esijwayelekile.
“Sesiwunqobe kane lo mdlalo ekubeni singene singathwelwe ngeqoma. Okusemqoka okwenzeka emizuzwini engu-90 enkundleni. Okwenzeke emidlalweni edlule, akuhlangene nokuzokwenzeka ngosuku lomdlalo,” kusho uKhune.
IChiefs iyona enqobe umzuliswano wokuqala ngo-1-0 nyakenye.