KUVELA ukuthi unikezwe ibheyili kaR3 000, uThamsanqa Gabuza ngemuva kokuvela enkantolo ngoLwesithathu, ngecala lokuzama ukudlwengula owesifazane, ukuhlukumeza nokucekela phansi impahla.
Ngokwemibiko, lo mgadli oseyibamba kwiTS Galaxy, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi, e-Alexandra ngoLwesithathu. Icala libe selihlehliselwa uDisemba 11, kusaqhutshekwa nophenyo.
UGabuza oke wagijima naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, akusikhona okokuqala ezithola ebhekene nengalo yomthetho. Ngo-2017, wake walala ebaliwe ngemuva kwezinsolo zokushaya owayeyintombi yakhe, uBoitshoko Tala. UTala wayethi uGabuza wambeka isandla ngemuva kokuthi bebe nengxabano, wamvulela necala lokweba impahla yakhe elinganiselwa kuR40 000. Ngaleso sikhathi uGabuza wayeyibamba kwi-Orlando Pirates.
Lo mgadli uzithola esemi phambi kwentolo nje, omunye umdlali uThembinkosi Lorch oyisithandwa sabalandeli bePirates, ngoLwesibili, uthole isigwebo seminyaka emihlanu esilengisiwe ngemuva kokulahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Uyalelwe ukuthi akakhokhe uR100 000 enhlanganweni elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, kwathiwa angalokothi abe nesibhamu. ULorch wayelahlwe yicala ngoJulayi, wayekade ebekwe lona ngo-2020.