OWAYENGUMGADLI weKaizer Chiefs, uKingston Nkhatha, owagcina enuka iqaqa kubalandeli baleli qembu, ucebisa uRanga Chivaviro ngokuthi akavale izindlebe, akhohlwe yizinkulumo zalabo abamgxekayo.
UChivaviro ubhekane nolaka lwabalandeli ngemuva kokwehlulwa yigoli esiwombeni sokuqala somdlalo weCarling Knockout abahlule kuwona iSuperSport United ngo 4-0 ePolokwane, ngempelasonto edlule. Lo mgadli ugcine ehlulekile wukuzibamba, waphendula kubalandeli abebemhhewula, esebenzisa izandla ukukhombisa ukuthi abalandeli bakhuluma kakhulu ngemuva kokushaya igoli esiwombeni sesibili.
Lokhu kubacike kakhulu abalandeli baMakhosi. Abanye bagcine sebemsongela uChivaviro ezinkundleni zokuxhumana, bethi le mpi ayiqalayo ngeke ayiwine, akabuze uNkhatha owagcina esevikelwa ngumqeqeshi uStuart Baxter.
UNkhatha waseZimbabwe, uthe ibuhlungu le nto eyenziwa ngabalandeli beChiefs kuChivaviro, wathi izofaka uvalo nakwabanye abadlali.
“Uyazama ukuqina uma ubhekene nalesi simo. Kodwa ngeke ujabulise bonke abantu. Akubona bonke abantu abazobona okuhle kuwena. Mina ngangingeyona intandokazi yabalandeli futhi ngakwemukela lokho. Ibuhlungu le nto abayenzayo kuChivaviro.
“Sidinga abadlali abazongena enkundleni beyokwenza umsebenzi kahle. Uma uqala ubahhewula, nabanye uyabakhipha emdlalweni bagcine sebesaba, ikakhulukazi labo abangaqinile ngokomqondo. Bazokwesaba ukudlala. Abanye abadlali, ikakhulukazi abasebancane, bazokwesaba ukudlala ngoba bazobona ukuthi bazobhekana nolaka lwabalandeli uma benza amaphutha. Ngiyakuqonda ukuthi iChiefs yiqembu elikhulu futhi abalandeli bafuna liwine kodwa ukuhhewula abadlali kuzokwenza bengakhiphi konke abanakho enkundleni,” kubeka uNkhatha.
Ukuhhewulwa kwabadlali kwiChiefs yinto endala. Ngo-2013, abaphathi baphoqeka ukuqala umkhankaso wokukhuza abalandeli. UNkhatha uyena owayeyisisulu esiphambili sabalandeli. Nakuba lo mgadli egcizelela ukuqina ngokomqondo afuna kudlulele nakuChivaviro kodwa wagcina ephindisele kubalandeli beChiefs, ekhombisa ngezandla ukuthi bakhulumela futhi.
“Ngazama ukuyibekezelela le nto kodwa kwesinye isikhathi ngagcina ngihluleka. Ekugcineni nami ngingumuntu. Uma uhlangothi lwebhola seluhambile, kusala umuntu. Abantu abayeke ukucasha ngemuva kokuba ngabalandeli. Nabo bayawenza amaphutha emisebenzini yabo kodwa akuveli ngoba ababona abadlali bebhola. UChivaviro kumele avale izindlebe, agxile ebholeni,” kusho yena.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uzwakalise ukumeseka uChivaviro, wathi yingakho engamkhiphanga ngesikhathi sekhefu ngoba ubazi ukuthi uzolishaya igoli. UChivaviro useshaye amagoli amathathu kule sizini ka-2024/2025.
“Kuyinto enkulu ukuthi umqeqeshi nabadlali bayameseka. Nami lokho kwangisiza kakhulu. Yibona abantu abamaziyo, abahlala benaye ngaso sonke isikhathi. Bajima naye izinsuku eziyisihlanu esontweni. Yibona abaziyo ukuthi yini akwazi ukuyenza. Uma unozakwenu, uhlala wazi ukuthi unamasosha azokulwela. Okumele akwenze uChivaviro wukuhlala phansi abheke lapho okufanele alungise khona, akuqonde ukuthi udinga ukuqina, akuqonde futhi ukuthi ezinye izinto ngeke azilawule,” kusho uNkhatha osengumqeqeshi enkulisa, iVelocity Academy, eGauteng.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo, isiyobhekana neSuperSport United emdlalweni we-Betway Premiership ePeter Mokaba Stadiun, ePolokwane, ngo-5.30 ntambama.