KUZWAKALA enkulumeni yakhe umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, ukuthi ufuna babuyise izihlwele ngakubo zisuka ngokushaya igoli elisheshayo kowomkhaya neRoyal AM koweDStv Premiership ngoMgqibelo.
Lo mdlalo womkhaya usePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3.30 ntambama.
Ekhuluma ngalo mdlalo uKhenyeza, kucacile ukuthi ukuyiphaka nakubalandeli babo ukuba bangavumeli ukucindezelwa ngabezitha.
“Umdlalo womkhaya uba nomoya nje ohlukile ngoba ngisho nabalandeli abasuke bekhona baba komunye umdlandla. Yingakho kumqoka ukulwela ukusheshe unike abakho umfutho (ngokushaya igoli),” kusho uKhenyeza olekelana noVusi Vilakazi ebhentshini.
“Kufanele silwele ukuqala kahle umdlalo futhi kungenzeka ngoba sidlala nabantu esibaziyo kwiRoyal AM. Sizodlala neqembu elifanayo naleli elisihlule ngo-3-1 ngesigamu sokuqala,”
“Kufanele silwele ukuwuthwala umdlalo kodwa-ke akusikho lokho okumqoka. Okuseqhulwini nengizokugcizelela ngiphindelela wukuthi kumele siqikelele ukuvalela amathuba esiwatholayo.
I-Arrows inengcindezi kulo mdlalo kwazise ibuya endukwini ka-4-0 eyithole kwiTS Galaxy koweligi ngeledlule.
Nakuwo owomkhaya isanda kuququdwa yiMaritzburg United ngo-1-0 khona ePrincess Magogo Stadium.
“Imidlalo efana nale yomkhaya inqotshwa ngakho ukuvalela amathuba enu. Sisanda kubuya kwiMaritzburg, sathola inqwaba yamathuba kodwa sawamosha. Sigcine sehlulwa ngethuba elilodwa abalithole emizuzwini balivalela phakathi,” kusho uKhenyeza.