UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uncome abadlali bakhe ngokukhombisa ukuvuthwa emqondweni bethela muva njengembumba bagcine begojele iRoyal AM ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership wabakhaya baKwaZulu-Natal obuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli eGolden Arrows womathathu angene ngesiwombe sesibili, avalelwe nguRyan Moon amabili, elesithathu kwaba ngumkhonto ogwaze ekhaya kaZukile Mkhize we-AM ezama ukususa umhlola ekhaya. Iqembu lasekhaya yilona elithole kuqala igoli ebelishaywe nguSibusiso Magaqa ngesiwombe sokuqala.
Ngaphambi kwalo mdlalo, abadlali be-Arrows babambeke esiminyaminyeni sezimoto amahora amane besebhasini. Lesi siminyaminya besidalwe yizingozi emgwaqweni obheke eMgungundlovu ngoLwesibili ntambama. Umdlalo bekumele uqale ngo-7.30 ebusuku wagcina uqale ngo-9 ebusuku.
“Ngaphambi kokuqala komdlalo sibhekane nezinselelo endleleni, savaleleka amahora amane ebhasini. Kodwa lokho abadlali bethu akubaphazamisanga ngoba bebekwazi ukubaluleka komdlalo,” kusho uKhenyeza.
“Sibakhumbuzile ngokubaluleka kokushintsha indlela yabo yokucabanga, njengoba bese sishaywe imidlalo emithathu. Ngakho ngiyabancoma abadlali bethu ngendlela abakhombise ngayo ukulwa nokubuya phezu kokuba besilandela emuva.
“Yize belithole kuqala (Royal AM) igoli, kodwa besazi ukuthi sizobuya, ngoba yithina vele ebesiphezulu ngomdlalo kusukela esiwombeni sokuqala.”
I-Arrows ebiyiqale kahle isizini ngokunqoba imidlalo emibili ilandelana ngokushaya iStellenbosch FC ngo 2-0, yalandela ngokunqoba ngendlela efanayo ishaya iMarumo Gallants, izithole isiphenduka ukudla kwesibhaxu emidlalweni emithathu kwemine, okubalwa newudlale ngokulingana neSupersport United ngaphambi kwekhefu leCarling Knockout neleFifa.
Abafana Bes’thende bazobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya abazodudulana kuwo neCape Town City, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.