UKUQALA kokuzwela komkhizo ejazini kumqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, sekuholele ekutheni lo mqeqeshi aveze ukukhathazeka ngabadlali bakhe akholwa wukuthi yibona osekufanele bazinuke amakhwapha ngokubheda kohlelo kuleli qembu.
IGolden Arrows esalokhu iqhubekile nokuba wukudla kwenduku, iphinde yathola esinye isibhaxu ishayelwa esibayeni sayo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoLwesithathu ihlulwa ngo 1-0 yiSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership.
Njengoba kubonakele nasemidlalweni yakamuva, abadlali basemuva be-Arrows baphinde bahuqa ubuthongo ngemizuzu yokugcina bevumela iSekhukhune ithola igoli ngomzuzu ka-90 sekusele kancane kukhale impempe yokuphela komdlalo, ngonyawo luka-Elias Mokwana.
Lo besekungumdlalo weshumi kulandelana i-Arrows ithola isibhaxu sekuhlanganiswe yonke imincintiswano - eyisishiyagalombili yeligi nemibili yomkhumulajezi.
Leli qembu like lahlala isikhashana endaweni yesibili kwi-log yePremiership ngasekuqaleni kwale sizini, njengamanje lizithola lisendaweni yeshumi kwi-log.
Nakuba kuyakhulunywa ukuthi alikabi mdibi munye namaqembu avika izembe yingoba izithole ihlomula ngamaphuzu amathathu ingazelele, kulandela ukuhoxa ukuza emdlalweni kweMoroka Swallows okwakumele idlale nayo ngoDisemba 30, eDobsonville Stadium eSoweto, kowePremiership.
“Angazi ngempela ukuthi kwenzekani kodwa engikwaziyo wukuthi inhlanhla eyawo wonke umuntu, nokungenzeka ukuthi isasilahlekele thina (inhlanhla). Okungiphatha kabi wukuthi akukhona ukuthi sihlulwa nje yingoba siyiqembu elingadlali kahle.
Siyiqembu elidlalayo, abadlali bethu bayadlala, badlale bawakhe amathuba okushaya amagoli kodwa behluleke ukubhakuzisa inethi.
Uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo okushaya amagoli, izitha uzinika ithemba nomfutho wokubuya zizokujezisa njengoba yenzile nje iSekhukhune ishaya igoli ngomzuzu wokugcina,” kusho uKhenyeza.
“Angicabangi ukuthi sidinga inhlanhla kodwa abadlali bethu yibona osekudingeka bazethwese bona umthwalo wokwenza izinto kangcono ukuguqula isimo.”
Empeleni isiya ngokuya iqonga mawala ingcindezi kuKhenyeza njengoba leli qembu lilokhu liqhubekile nokulahla amaphuzu.
Kube nenhlasi yethemba kubalandeli baleli qembu ngenkathi lisayinisa abadlali abane ngewindi likaJanuwari, okubalwa kubo izitobha ezimbili uJohn “Big John” Mwengani noThokozani Lukhele, nabagadli ababili uMoyela Libamba noKagiso Malinga ukuqinisa emuva nakumafolosi.
Kodwa akukabi bikho bungcono njengoba emidlalweni emithathu kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) lingenelwe ngamagoli ayisithupha, lashaya amabili.
Abafana Bes’thende abagcina ukunqoba umdlalo ngo-Okthoba 28 ngokuguqisa iKaizer Chiefs ngo 2-1 kowePremiership, bazobuyela enkundleni ngokuyobhekana nawo futhi Amakhosi ngoLwesibili eFNB Stadium, eGoli.