NHLAKANIPHO MNQAYI
USEKHATHELE wukuba yithofi leTS Galaxy uMabhuti Khenyeza oqeqesha iLamontville Golden Arrows ezophinde ibhekane naleli qembu emdlalweni wangoLwesihlanu weNedbank Cup.
La maqembu azoshukana eHammarsdale, eMpumalanga Stadium, ngo-7 ebusuku koweLast 32.
Azohlangana i-Arrows isazikhotha amanxeba kulandela ukubhaxatshulwa yiThe Rockets ngo 3-1 koweDStv Premiership ngempelasonto edlule ekuhambeni.
Bekungokwesibili kule sizini Abafana Bes’thende beshaywa yiGalaxy njengoba bakhala ngaphansi nasemdlalweni womzuliswano wokuqala weligi, bahlulwa ngo 2-0.
I-Arrows ibihlulwa okwesishiyagalombili kulandelana kwiligi. Yize kunjalo uKhenyeza uthe bazimisele ukuzijika izinto ngayo iNedbank Cup.
“Okwesithathu sidlala neGalaxy kufana nokuthi sidlala umdlalo wekhilikithi. Kodwa lokho kuhle kuthina. Sebesihlule kabili, kuningi esikubonile okungalungile nokungamaphutha. Ngicabanga ukuthi lena yinselelo enhle kimina.
“Kwesinye isikhathi senza amaphutha bese beyasijezisa. Uma singanciphisa amaphutha singakwazi ukumelana neTS Galaxy. Nangempelasonto silishaye kuqala igoli kodwa sase siyabadedela ukuthi babuye emdlalweni. Ngijabule ngokudlala neGalaxy, kuzoba yinselelo entsha futhi kuzoba umdlalo ohlukile. Sizokwazi ukuphendula izinto. Kancane kancane siyafunda ukuthi kumele sibhekane kanjani nabo,” kusho uKhenyeza esithangamini sabezindaba eMhlanga, eThekwini, izolo.
Uthe kuyabakhathaza ukuthi iqembu selihlulwe imidlalo eminingi kulandelana kodwa usemkhankasweni wokulakha kabusha.
“Siyazama ukubumba iqembu. Uma ubhekisisa kahle siqale ngabadlali abayisihlanu abasha (ngempelasonto). Sizama ukuqinisekisa ukuthi sakha iqembu eliqinile njengoba sifuna ukushintsha isimo. Sonke sikhathazekile. Sizosebenzisa iNedbank ukuqinisekisa ukuthi kunenqubekela phambili (kulokhu abakwakhayo).”
Mayelana nentshisekelo yokuziphindiselela, uthe: “Nasemdlalweni odlule besifuna ukuziphindiselela. Sizamile. Kodwa-ke manje siya emdlalweni omusha, kuzobe kungu 0-0. Ngingajabula kakhulu uma sithola umphumela omuhle ngoba kuzosho ukuthi sikwazile ukuziphindiselela.”