UKHWELE wadilika kubadlali bakhe, uMabhuti Khenyeza ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows, ngephutha abalenzile, akholelwa wukuthi yilo elibangcwabile emdlalweni womkhaya naMaZulu.
USuthu luphinde lwagadla kwezwakala komakhelalwane balo, lubanenebula ngo-3-1 koweDStv Premiership ngempelasonto edlule eMpumanlanga Stadium. Abafana Bes'thende badliwe ngamagoli ka-Augastine Kwem waseNigeria awashaye esiwombeni sesibili esuka ebhentshini.
Yibo abebeqale bashaya igoli elingqofelwe phakathi uGladwin Shitolo ngomzuzu ka-17.
Iphutha akhala ngalo kakhulu uKhenyeza ngelokungaxhumani ngenkulumo phakathi kukaVelemseni Ndwandwe nonozinti, u-Isima Watenga. Kuso lesi simo kube sekuqhamuka uKwem obesuka ebhentshini, walintshontsha kulaba wase elibeka enethini ngomzuzu wesi-80.
Uphinde wabuya namabili ngaphezulu.
Lo mqeqeshi uhluleke ukukufihla ukudinwa kwakhe ngemuva komdlalo. Uthe kumele bazisole bona.
"Amaphutha yiwo ashintshe umdlalo. Awulenzi iphutha elinje uma sewubona ukuthi izitha seziphelelwe ushatini. Leli phutha belingagwemeka kalula ngokuthi ibhola likhishelwe ngaphandle. AmaZulu abengeke esabuya emdlalweni. Abuyiswe yileli phutha esilenzile. Kusukela emzuzwini ka-70 kuya koka-75 besiwabambe ngqi," kubeka uKhenyeza.
Uqhube wathi: "Elinye iphutha esilenzile wukuhluleka ukuqeda umdlalo kusakhanya. Besinalo ithuba lokuhamba phambili ngamagoli amabili eqandeni. Emdlalweni kanobhutshuzwayo uyajeziswa uma uhluleka ukwenza lokhu. Iphutha elinje awulenzi emdlalweni oshisa njengalona ebesiwudlala.“
I-Arrows beyishaywa ngaMaZulu kulandelana. Ekuqaleni kwale nyanga yilo uSuthu oluyikhiphe kowama-quarterfinal, eCarling Black Label Knockout. Ishaywe ngo-3-0 wamagoli kaJunior Dion wase-Ivory Coast. Empeleni ngempelasonto edlule i-Arrows beyishaywa okwesithathu kulandelana. Ihlulwe nayiRoyal AM nayo engomkhaya.
UKhenyeza nabadlali bakhe bayiqale kahle isizini beshaya kwasani oluphambi kwabo. Kunesikhathi lapho abake balala indawo yesibili kwi-log. Ukushaywa kwabo kubehlisele endaweni yesine ngamaphuzu awu-20. Naye lo mqeqeshi uthe ikhefu leFifa lifike kahle njengoba bezokwazi ukulungisa amaphutha. Uveze nokuthi akethukile ngesimo abakuso, kumele bagweme ukwenza amaphutha angenasidingo. I-Arrows izoze idlale neCape Town City, ngoNovemba 26, khona eMpumalanga Stadium.