UNENGWA ngabadlali bakhe abaphindaphinda amaphutha “ezingane zesikole”, uMabhuti Khenyeza ocija iLamontville Golden Arrows ephinde yaphoxa abalandeli bayo.
Leli qembu laseThekwini, lishaywe iCape Town City ngo-1-0 kobuseMpumalanga Stadium ngempelasonto.
Bekuwumdlalo wesine weDStv Premiership lishaywa kulandelana.
Lisendaweni yesine ngamaphuzu awu-20. Lisanqobe imidlalo eyisithupha, ladlala ngokulingana kwemibili, ladliwa kwemine.
UKhenyeza usole abadlali bakhe ngalokhu kuhlulwa.
"Sibulawe ukungenelwa igoli umdlalo usanda kuqala. Leli phutha eliwubuwula lenze sajahana nomdlalo waze wayophela. Nasemdlalweni weKaizer Chiefs senza iphutha elifanayo. Kuyangikhathaza ukuthi silokhu siphindana namaphutha afanayo.
“Yebo, sisahleli endaweni enhle kwi-log kodwa ngabe sikwengcono kakhulu ukube asiwalahlanga amaphuzu ayisishiyagalolunye kule midlalo edlule. Akukuhle kithina njengabaqeqeshi, kubadlali naseqenjini lokhu okwenzekayo," kuchaza uKhenyeza ngomoya ophansi.
Uthembise ukuthi maduze zizophinde zibuye izinsuku zenjabulo kuBafana Be'sthende.
"Empeleni nasemdlalweni weCity bekumele sinqobe. Yithi esiyeke inqwaba yamathuba. Asidliwa ngoba sidlala kabi, sibulawa ukwenza la maphutha “ezingane zesikole”. Sizolwa kuze kuze kulunge. Kumele sihlale sinomdlandla".
UKhenyeza uyiqale kahle isizini ecoboshisa kwasani oluphambi kwakhe. Kwenzeka lokhu nje, bekunokwesaba ukuthi ngeke akwazi ukumela ukushisa kwensimbi ngesikhathi kuhamba uVusumuzi "Kanu" Vilakazi ebeyibambe naye. Njengoba imiphumela ihamba kanjena sezikhona izinkulumo ezithi kumele atholelwe umuntu onamava azosizana naye. Njengamanje babambisene noMusa Bilankulu abebedlala nawe eminyakeni edlule kuleli qembu.
UKhenyeza usanda kucashunwa ethi konke kulele kubaphathi bakhe, kodwa yena akasindwa ukucija i-Arrows.
Leli qembu lizoze liwudlale ngoDisemba 9 olandelayo weligi.
Lizobhekana neChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium.