AKAKHOLELWA ekutheni abadlali bakhe sebedinga udokotela wengqondo uMabhuti Khenyeza ocija iLamontville Golden Arrows, eshaywe umdlalo wesithupha kulandelana ngempelasonto edlule.
Abafana Bes'thende baphinde baphoxa abalandeli beshayelwa ekhaya yi-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium.
EZimnyama zinqobe ngephenathi evalelwe phakathi uPatrick Maswanganyi negoli likaKarim Kimvuidi.
ElaBafana B'sthende livalelwe enethini uNduduzo Sibiya nakhona kuyiphenathi.
Ngaphambi kowePirates, i-Arrows ibishaywe yiChippa, Cape Town City, AmaZulu kwiligi nakoweCarling Black Label Knockout neRoyal AM.
Kulesi sibalo semidlalo eyisithupha isingenelwe ngamagoli awu-12, yona yashaya amabili kuphela.
Sezikhona nezinkulumo zokuthi abafana bakaKhenyeza sebedinga ukwelulekwa ngokwengqondo.
Ebuzwa ngalokhu lo mqeqeshi, ngemuva komdlalo wePirates, uthe akasiboni isidingo sikadokotela wengqondo (Psychologist).
"Udokotela wengqondo akalidlali ibhola. Mhlawumbe ngenziwa yindlela engikhule ngayo. Angeke ngilethe umuntu ongazi lutho ngebhola. Yena wahlala edeskini wafunda wase egogoda. Akakaze alidlale ibhola phambi kwabantu abawu-50 000. Angisazi ukuthi kukangaki ngiba kulesi simo emaqenjini engike ngadlala kuwona. Besivuka phansi sizithintithe," kuchaza uKhenyeza.
Sekuphele isikhathi eside lo mqeqeshi esho into eyodwa uma edliwe.
Ukhala ngamaphutha athi afana nawezingane zesikole, enziwa ngabadlali bakhe.
Utshele abezindaba ukuthi lesi simo sesimphoqa ukuthi acije abadlali ngabodwana ukuzama ukuthola isisombululo.
"Ngaso sonke isikhathi sibulawa amaphutha enziwa ngabadlali ngabodwana. Uma udlala neqembu elinjengePirates awulenzi lulo hlobo lwamaphutha. Ngikholelwa ekutheni ngabe siwunqobile lo mdlalo ukube asiwenzanga amaphutha. Ayikho into engizoyenza, kuzomele ngihlale phansi nabadlali ngabodwana. Ngeke siphume kule nkinga uma bengezukubambisana nami. Kuzomele baqale bona ukuzinuka amakhwapha,“ kusho uKhenyeza.
Uthe ngeke kubasize ukulokhu bekhala ngosekwenzekile.
"Kumele sithole indlela ebheke phambili, siqale silungiselele umdlalo olandelayo. Luselude ukhalo, iligi ifana nomjaho omude. Kumele senze isiqiniseko sokuthi laba badlali siyabapholisha ukuze bezoba abadlali abangcono.“
I-Arrows ilele kweyesikhombisa ngamaphuzu awu-20 emidlalweni ewu-14. NgoDisemba 23 izobhekana neGalaxy khona eMpumalanga Stadium. Lo nyaka izowuvala neSwallows ngoDisemba 30 eDobsonville.