AKAKUGQIZI qakala umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMabhuti Khanyeza ukuthi bazobe besakhona yini abalandeli emdlalweni womkhaya naMaZulu we-quarterfinal yeCarling Black Label Knockout.
Umdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal ungoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium ngo-7 ebusuku.
IPremier Soccer League (PSL) yenze okungajwayelekile igixabeza abalandeli baKwaZulu-Natal ngemidlalo emibili yama-quarterfinal alo mqhudelwano ezodlalelwa eMabhida, ngosuku olulodwa.
Inkundla izovulwa yiRichards Bay ne-Orlando Pirates ngo-3 ntambama bese kulandela owaBafana Be'sthende noSuthu. Kunokuhlukana kwemibono ngendlela okuhlelwe ngayo le midlalo.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi eZimnyama zingezinye zamaqembu ezinabalandeli abaningi kuleli.
Kukhona abathi bekumele kuqale owamkhaya baseThekwini bese kugcina oweBay nePirates ukuze bengezuhamba abalandeli.
Nokho uma kuhambe ngokwezifiso zePSL, umdlalo womkhaya phakathi kwe-Arrows naMaZulu usethubeni lokuqopha umlando ngokuhanjelwa yizinkulungwane zabantu.
NePSL seyenze nesaphulelo samathikithi ka-R80 kulabo abazoyibuka yomibili le midlalo. Empeleni ithikithi lo mdlalo ngamunye libiza u-R50.
UKhanyeza uthe ngeke bakwazi ukuphoqa abalandeli ukuthi baqhubeke nokuhlala uma kuphela oweBay nePirates.
"Kukubona abalandeli ukuthi bayahlala noma bayahamba. Ekugcineni isinqumo sabo, ngeke sibaphoqe. Ngesonto eledlule besidlala neKaizer Chiefs. Lo mdlalo siwuhambise eMpumalanga Stadium. Kodwa abantu baKwaZulu-Natal bancamele ukweseka iqembu laseGoli, thina besisho ngawo wonke amagama. Kubona uma uqhamuka eGoli uyinto enkulu. Ngiyaxolisa ukusho lokhu.
"Awuthi ngiveze lokhu: thina sisuke singazi nokuthi sibukwa ubani, ngasiphi isikhathi. Asikufaki emakhanda ukuthi siyabukwa noma cha, sigxila ekudlaleni ibhola. Uma sidlala ekuhambeni vele sikujwayele ukudlala phambi kwezindimbane zezihlwele zeqembu esisuke sibhekene nalo. Sinendlela yokungazinaki, siqhubeka nokudlala ibhola lethu," kubeka uKhanyeza.
Mayelana nomdlalo womkhaya, uthe uzoba nzima.
"Kwenzeka okuningi uma kudlalwa owomkhaya, kulukhuni ukulawula umdlalo. Ukudlalwa kwemidlalo emibili kulandelana, enkundleni eyodwa ngokunye okuzongeza ubulukhuni bomdlalo womkhaya. Ukulwa ngeke kugcine enkundleni, kuzokapakela nangaphandle. Kumele sihlakaniphe siphinde siyihlele kahle imiqondo yethu. Umdlalo kumele siwulawule ngisho nangaphandle kwenkundla. NgoMgqibelo kuzoba umdlalo omnandi futhi ozoba lukhuni."
Ebuzwa uKhanyeza ukuthi akasabi yini ukuthi njengoba abafana bakhe beshaye iChiefs ngeledlule, bazoya kowoSuthu benokuzithwala, ushaye ngamafuphi wathi: "Eqenjini lethu ngashaya umthetho wokuthi uma sinqobile sijabula amahora awu-48 kuphela. Sesidlulile leso sikhathi, abadlali bayazi ukuthi kumele bagxilise imiqondo kolandelayo. Sisizwa nawukuthi iqembu lethu lakhiwe abadlali abanentobeko.“