USIYABONGA "Bhele" Nomvethe, ohlabane ngezindodo esadlala kwiSwallows, usola abagxeka ithimba labaqeqeshi balo ngokubhedelwa kwalo yizinto kwiDStv Premiership.
IZinyoni ngelinye lamaqembu anomlando omude ebholeni lakuleli. Ngenxa yokubheda kwesimo senkece eminyakeni edlule zike zazithola zidlala ezigabeni eziphansi kweseDStv Premiership.
Namanje lesi sihlava sisabonwa njengembangela yokungenzi kahle kwalezi zinkunzi zaseSoweto. Eminyakeni edlule leli qembu belibalwa namaqembu aphambili ebholeni lakuleli.
Sikhuluma nje, njengamanje libalwa namaqembu alengelwa yizembe kwi-log yeDStv Premiership elizogawula ngokuphela kwesizini. Kanti libhekene nomunye umdlalo onzima njengoba lizodlala naMaZulu, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo 8 ebusuku
Empeleni nangesizini edlule leli qembu belibhekene nenkinga efanayo. Lize laphunyuka ngemizuzu yokugcina emlonyeni wengwenya.
UNomvethe ekhuluma naleli phephandaba uzwakalise ukulidabukela, egcizelela ukuthi ingaba buhlungu inhliziyo yakhe uma lingadliwa yizembe.
"Ngikusho lokhu ngoba sengike ngaba semaqenjini ahlukene abelengelwa yizembe. Lesi siwombe sidinga ukuthi abadlali babambane bame ngezinyawo.
Kuyahlekisa ngoba ngaso sonke isikhathi kuhlale kugxekwa umqeqeshi uma iqembu lingenzi kahle.
“Nabo abadlali kumele bazinuke amakhwapha uma kubheda izinto. Ngezikhathi zethu kube nesikhathi lapho esasike simbeke eceleni umqeqeshi senze ngokwethu," kubeka uNomvethe obelokhu ekugcizelele ukuthi abadlali beSwallows abanyuse amasokisi.
Uphethe ngokuthi: "Nakuba isimo sibheda kanje kodwa ngiyakholelwa ekutheni ithimba labasebenzi beSwallows lizokwazi ukulihlenga leli qembu. Imidlalo seyihambile, ithimba labasebenzi kuhlanganisa nabaphathi kudingeka ukuthi benze ngenye indlela.
“Laba abagxeka ithimba lono mpempe nabo ngiyabasola. Inhloso yabo kubukeka kuwukubhebhethekisa umlilo kakhulu kunakuqala. Abasekane. Lesi yisikhathi sokuthi babambisane.”