UHOXISE isinqumo ngenxa yomqeqeshi unozinti weSuperSport United kwiDStv Diski Challenge, uSamkelo Xulu, obecela ukukhululwa ngenxa yokungalitholi ijezi esikimini esikhulu.
Wenyuselwe esikimini esikhulu kumasizini adlule kodwa wathwala kanzima ukuthola isikimu kusekhona uRonwen Williams obevimba kuyona yonke imidlalo.
Lokhu kuholele ekutheni abuyiselwe eqenjini leDiski. Kuvele ukuthi ngaphambi kokuqala kwesizini entsha, uXulu ucele ukudedelwa yiSuperSport ngenhloso yokuyozama amadlelo aluhlaza.
Kumanje esikimini esikhulu seSuperSport kukhona onozinti abathathu abanamava; okunguRicardo Goss obolekwe kwiMamelodi Sundowns, George Chigova osebuya ihlandla lesibili kuleli qembu, noBoalefa Pule osehlale iminyaka ebhentshini.
Umqeqeshi weSuperSport kwiDiski Challenge, uThabo September, uveze ukuthi kudingeke ahlale phansi naye uXulu ambonise.
"Ekuqaleni kwesizini, uXulu ubefuna ukuhamba ayozama iqembu kwiMotsepe Foundation Championship. Ubekhala ngokuthi akadlaliswa esikimini esikhulu. Bonke abanye onozinti bebengavimbi ngesikhathi kusekhona uRonwen Williams. Besingenayo inkinga yokumdedela uma efuna ukuhamba kodwa ngihlale naye phansi ngambonisa ukuthi nalapho efuna ukuya khona kungenzeka engadlali.
“Uma edlala lapha kwiDiski usemehlweni abantu futhi uzodlala njalo okuyinto esiyifunayo. Ngimtshelile ukuthi noma yini ayikhethayo sizomeseka. Uthathe isinqumo sokuhlala, aqhubeke nokudlala kwiDiski," kusho uSeptember.
UXulu ubeyiqhawe leSuperSport ngesizini edlule ibanga isicoco seligi yeDiski. Nokho kule sizini akayiqalanga kahle kwazise isawine imidlalo emibili kweyisihlanu. UXulu uselande enethini amabhola ayisithupha. NgoMgqibelo, uSeptember kulindeleke ukuthi athembele kuyena uma sebevakashele iMaritzburg United, eHarry Gwala Stadium, eMphithi, ngo-10 ekuseni. ITeam of Choice isawine kanye emidlalweni emine.
"Kuzoba wumdlalo onzima kwazise nathi asikadlali kahle. Sisaqala ukubamba umgqigqo. Kodwa ngiyakholwa wukuthi sizokwazi ukubuya nawo amaphuzu esiwadingayo," kusho uSeptember.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v Mamelodi Sundowns (Wolfson Stadium); Maritzburg United v SuperSport United (Harry Gwala Stadium); Royal AM v Orlando Pirates (Mpumalanga Stadium).
Ngo-12pm: Sekhukhune United v Cape Town City (Tsakane Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: AmaZulu v Marumo Gallants (King Zwelithini Stadium); Swallows v Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium).
Ngo-12pm: Stellenbosch v Golden Arrows (Idas Valley Stadium); Richards Bay v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium).