UVULE izandla kunoma iliphi iqembu elizokhuluma naye into ayizwayo uHlompho Kekana obengukaputeni weminyaka kwiMamelodi Sundowns kulandela ukuhlukanisa kwakhe ngesihle nompetha beDStv Premiership.
Ngasekupheleni kwesonto eledlule, iSundowns imemezele ngokusemthethweni ngokuhlukana kwayo nalo mdlali obese ebe semabhukwini ayo iminyaka engu-10.
Okugqamile ngalokhu kuhlakanisa ukuthi uKekana usazimisele ngokuqhubeka nokudlala ekubeni leli qembu limbona esefanelwe esinye isikhundla kodwa hhayi enkundleni.
Useqalile lo mdlali umataniswa neChippa United kanti neBlack Leopards okuyiqembu aqala kulona ukudlala ibhola elikhokhelayo iyavela kwangase ahlabane ngalolu qweqwe lwesisu.
UKekana (36) ongomunye wabadlali abahamba bodwa ngokuhlabana ngezicoco emlandweni we-Premier Soccer League (PSL), ubeyisimenywa kwi-Ultimate Sports Show ngoLwesihlanu ntambama, kwiMetro FM.
“Iphepha elingigunyaza ukuthi ngingaxoxa nanoma ubani lisezandleni zami ngakho-ke noma ubani ozongithinta sikhulume into ezwakalayo, ngizimisele ukulalela,” kusho uKekana.
Kulolu hlelo uveze nokuthi isifiso sakhe ukudlala aze adlule eminyakeni engu-40 njengoba kwenza abadlali akhule ebukela kubona njengoJohn “Shoes” Moshoeu ongasekho noZlatan Ibrahimovic waseSweden
“Anginaqembu ngakho-ke uma kukhona ongithintayo mayelana nomsebenzi wokudlala ibhola nakanjani ngizolalela.
“Kuliqiniso ukuthi yonke into iseyintsha kimina kwazise bese ngihlale isikhathi eside kwiSundowns kodwa iqiniso ukuthi ngisazibona njengomdlali. Akukajwayeleki khona ukuthi sengizobizwa ngowayewumdlali weSundowns.
Yize kunjalo kodwa uKekana odle iCaf Champions League neSundowns ngo-2016, ubazi ukuthi usuku lokushiya iSundowns luyofika.
“Kumasizini amabili kumbe amathathu adlule, bese ngiqalile ngikucabanga ukuthi ngelinye ilanga kuyofanele ngixhawule isandla seSundowns ngibonge ngakho konke engenzele khona, ngidlulele phambili,” usho kanje lo mdlali oseke waqokelwa oweFifa Puskas Award.
“Ngiyaziqhenya ngengikwenzele iSundowns uma ngibheka emuva kodwa kusemqoka ukuthi ngikubalule ukuzithoba kwami ngethuba leli qembu elikhulukazi enginike lona.
“Eminyakeni edlule, bengishumayela ivangeli elifanayo kubadlali ebengibahola ngobumqoka bokuqinisekisa ukuthi uma sishiya kwiSundowns noma ngabe kungenxa yani, kufanele sizishaye isifuba njalo ngesikwenzele iqembu,” kusonga uKekana.
UKekana ubashayele elikhulu ihlombe abadlali bamanje beSundows ngokunqoba i-MTN 8.