UKHONJWA kwiStellenbosch FC obengukaputeni waMaZulu FC kwiDStv Diski Challenge, uRijul Pillay, obalwa kwabanganikwangawa izinkontileka ezintsha kuSuthu.
“Akasayiniswanga inkontileka entsha obekuzoba ngeyokudlala esikimini esikhulu. Bakhona nabanye abadlali abasesimeni esifanayo abazolishiya iqembu. URijul useshilo ukuthi usethole ikhaya elisha kwiStellenbosch eKapa," kusho umthombo.
UPillay, obeseqenjini eliwine iDStv Diski Rewired ngo-2021, bekubhekwe ukuthi athole inkontileka yesikimu esikhulu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Nokho ugcine elandela abanye abadlali abashaywa ngesithende kuleli qembu uma sekufanele banikwe ithuba kweleDStv Premiership.
Ngesizini edlule, AmaZulu abolekise ngoLindokuhle Zungu noSibongakonke Ndlovu kwiCasric FC ngesikhathi sekufanele banyuselwe esikimini esikhulu.
Bobabili abasekho emabhukwini Osuthu. UZungu ugcine ecoshwe yiCape Town Spurs.
Lesi isitobha siqale ukudlala eqenjini leDiski sineminyaka engu-16 ngaphansi komqeqeshi u-Ayanda Dlamini.
URijul uhamba nje, kusadlule izinsuku ezimbalwa AmaZulu ehlukene nomunye umdlali wasemuva osemncane uSandile Khumalo okuthiwa ubheke kwiTS Galaxy.
Imizamo yokuthola okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, ayiphumelelanga kwazise ucingo ubengalubambi.
Nokho phakathi nesonto ebuzwa ngoKhumalo, uthe iqembu alikabi sesimeni sokukhuluma ngalaba badlali.
Uma uRijul egcina esayine kwiStellies, akubuzwa ukuthi uzothola imfudumalo kuSteve Barker, ongesabi ukunikeza ithuba abadlali abasebancane esikimini sePremiership.
Ngesizini edlule, uBarker ufake u-Olwethu Makhanya ogcine ewine umklomelo weNedbank Cup Most Promising Player of The Season.
Abanye ngu-Antonio van Wyk, Jaden Adams noDevin Titus.
Nakuba AmaZulu ekhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu minyaka yonke kodwa kunzima kubona ukuthola indawo esikimini esikhulu.
Ngesizini edlule, kwenyuselwe esikimini esikhulu uMsindisi Ndlovu kuphela kodwa kwaphela isizini imidlalo eseyibuka nabalandeli.
ULindani "Teko" Shange no-Olwethu Mzimela balinde ithuba kwaze kwaphela isizini.
Esikimini esikhulu soSuthu kudlala uSiphesihle Maduna kuphela kubadlali abasuka ezinhlakeni zeqembu.
Okudidayo-ke wukuthi umengameli weqembu, uSandile Zungu, uyachoma ngalaba badlali ababize nangekusasa leqembu.