UPHOXEKILE ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, ngemva kwemibiko yokuthi usale ngaphandle unozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori, esikwatini seGhana, esiya koweNdebe yoMhlaba eQatar.
UWilliams osekhempini yeBafana elungisela umdlalo wobungani noMozambique kusasa ngo-8.30 ebusuku, eMbombela, uzwakalise udangala ngokusala kuka-Ofori esikwatini sika-Otto Addo, umqeqeshi wamaBlack Stars, esiya eQatar. Imidlalo yeNdebe yoMhlaba iqala ngeSonto.
U-Ofori ulimale ngesikhathi iPirates ibhekene naMaZulu FC, e-Orlando Stadium ngo-Okthoba 14, okulandelwe wukuthi eqiwe yimidlalo emithathu ngemva kwalowo.
Phakathi kwemidlalo emeqile kubalwa nowabakhaya abashaywe kuwona yiKaizer Chiefs, ngegoli okusakhulunywa ngalo namanje likaYusuf Maart. Ubesebhentshini u-Ofori kulowo mdlalo.
Ngaleso sikhathi bese kunongabazane ngokuthi unozinti angaba yingxenye yesikwati seGhana. Libuyile ithemba emasontweni edlule ngenkathi ebonakala kowamanqamu eMTN8, lapho beguqise uSuthu eMoses Mabhida Stadium.
Unozinti ubesefakiwe ohlwini lwabadlali abangu-55 beGhana, obekuzokhethwa kubona abazoya kweyoMhlaba.
Ngesikhathi ekhuluma ngoMsombuluko esithangamini nabezindaba eMbombela, uWilliams ukhombise ukuzwelana nomlingani wakhe ngemva kwemibiko yokuthi usale ngaphandle esikwatini seGhana, esiya eQatar.
“Kungiphule umoya ukuzwa indaba ka-Ofori yokusala esikwatini seGhana ngoba mina naye sisondelene yize sijwayele ukuba yizimbangi,” kusho uWilliams.
“Ngisanda kukhuluma naye engitshela ukuthi ujabule kangakanani ngethuba lokuya koweNdebe yoMhlaba, manje njengoba esesele ngenxa yokungalulami ngesikhathi, ngimzwela ubuhlungu,” kusho uWilliams.
Yize uWilliams ebeka eyesizathu sokungalulami ngesikhathi, u-Addo ekhuluma nabezindaba ngemuva kokwethula isikwati sakhe, wenqabile ukubeka izizathu ngabadlali abashiye ngaphandle.
“Angikholwa ukuthi akhona amazwi engingawasho kuyena amenze azizwe engcono kumbe eduduzekile kodwa ngimfisela ukululama okusheshayo,” kusho uWilliams, ozohola iBafana kusasa ebusuku.
Kubukeka sengathi lilokhu limlandele ibhadi lokweqiwa yimiqhudelwano emqoka u-Ofori ngoba ngase kuqaleni konyaka ubengekho kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ebiseCameroon, ngenxa yokulimala.