UHLATSHWE wukugula esazanyelwa ukuthi abuyele eqenjini lesizwe unozinti waseZimbabwe, uGeorge Chigova, oquleke washona ngoLwesithathu.
UChigova (32), obekuneminyaka edlala kwiDStv Premiership, ubengasenalo iqembu kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe yiSuperSport United ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.
Lokhu kwenzeke emuva kokutholakala ukuthi unenkinga yenhliziyo, wayalelwa ngodokotela ukuthi engabe esazihlanganisa nezemidlalo sezigaba esiphezulu. Kuvele ukuthi ushone esebuyile eseziqeqesha neSuperSport futhi eyihambela nemidlalo yaleli qembu.
UChigova ukhuze ibuya kwiSuperSport ngo-2020, okuyiqembu afikela kulona esuka kwelakubo ngo-2014 eZimbabwe, ngaphambi kokujoyina iPolokwane City. Nokho ubelizwa ngendaba ijezi kwazise bekuvimba uRonwen Williams. Emuva kokuhamba kukaWilliams uhlaliswe ebhentshini nguRicardo Goss obolekwe kwiMamelodi Sundowns.
UTapuwa Kapini, owayevimbela iqembu lesizwe laseZimbabwe, uthe akwemukeleki ukuthi uChigova akasekho.
“Ngishaqekile. Angazi ukuthi ngithini. Ngakhuluma naye emuva kokuquleka okokuqala ngoJuni, ngambuza ukuthi kwenzenjani wathi akukho lutho, uyaphila. Ngambuza ukuthi kungani ezimukile emzimbeni kodwa nakulokho wangiziba. Ukhulele phambi kwami uChigova ngasekhaya. Ubelingana nabafana abancane bakithi bedlala ku-Under 7 naku-Under 11, sihamba nabo uma siyodlala, besibukela,” kusho uKapini odlale kuMaZulu nakwiPlatinum Stars eMzansi.
“Ngaphambi kwesehlo sokuqala ngangikhuluma nabaqeqeshi ukuthi bambuyisele eqenjini lesizwe nakuba ebengadlali kwiSuperSport. Izinga lakhe belivuma ukuthi ungamthatha umfake esikwatini noma yinini. Ubude bakhe nesibindi besikudinga eqenjini lesizwe. Emuva kokuba nenkinga kukaChigova, ngikhulume nabaqeqeshi ukuthi balande uWashington Arubi nakuba esemdala.”
UChigova uvimbele iqembu lesizwe laseZimbabwe amahlandla angu-32 phakathi kuka-2011 no-2019. Wayekhona eqenjini elaqeda endaweni yesine emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2014 elaliqeqeshwa ngu-Ian Gorowa. Udlule emhlabeni kusakhalelwa umgadli waMaZulu, uBongi Ntuli, okuvele ukuthi uthathwe wumdlavuza.
UKapini, ovimbele iZimbabwe amahlandla angu-11, ubona kufanele isukunyelwe eyezifo ezingaqondakali.
“Mhlawumbe singabadlali kufanele sihlale siyihlola impilo. Ngokomzimba siqatha ngoba siyajima zonke izinsuku kodwa asikwazi okungaphakathi. Indlela laba badlali abashone ngayo kusho ukuthi kumele sisukume singabadlali,” kusho uKapini.