KUVELA ukuthi iSekhukhune United iziqale kabusha izingxoxo zokufuna ukusayinisa umqeqeshi, uVusumuzi " Kanu" Vilakazi osanda kuhlukana neRichards Bay.
Kuphekwa kuthululwa kuleli qembu likaSimon Malatji.
Ngemeplasonto, iSekhukhune iqinisekise ngesitatimende ukugqashuka kwefindo lomshado phakathi kwayo nomqeqeshi, uPeter Hyballa waseGermany.
Bekungakapheli isikhathi esingakanani efike kulo njengoba eseshiya. Ngokwalesi sitatimende kuthiwa uyena ofake incwadi yokwesula. Ngokwemibiko kuthiwa ufike wangezwana namanye amalungu ethimba labaqeqeshi. Kuvele ukuthi ubefuna ukunikwa ngokuphelele amandla okuba inhloko yabaqeqeshi.
Esanda kuqashwa yiBabina Noko iphinde yamemezela ukubuya kukaLehlohonolo Seema naye obekungakapheli isikhathi eside leli qembu limkhombe indlela.
Nokho ngesikhathi iSekhukhune ishaya iCape Town City, kowama-quarterfinal eMTN8 ngoMgqibelo, ebhentshini bekuhleli uMacDonald Makhubedu.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi iSekhukhune seyiphinde yamthinta uVilakazi.
Akucaci ukuthi izomenza inhloko yabaqeqeshi noma uzobambisana noSeema bese uMakhudubela abe umqeqeshi wesithathu.
Ngokusho komthombo, empeleni leli qembu laqala ukufuna uVilakazi ngaphambi kokuqasha uHyballa. Kuthiwa wanqaba ukusayina ezeseka ngokuthi usenawo umsebenzi kwiBay esiqashe uBrandon Truter.
"Izinto zivele zaqondana, uKanu uhlukane neBay kwathi kolunye uhlangothi iSekhukhune yagqashula ifindo lomshado noHyballa. Akuphelanga sikhathi esingakanani uHyballa ehambile, izikhulu zeSekhukhune zathinta uVilakazi. Uma konke kuhambe kahle maduze uVilakazi uzothulwa ngokusemthethweni. Akukacaci ukuthi uzonikwa siphi isikhundla sokuqeqesha. Izikhulu zeSekhukhune zichazekile umsebenzi omuhle awenze evikisa iBay izembe," kubeka umthombo.
Kuthintwa uVilakazi ucele ukuthi kuxhunyanwe nemenenja yakhe, uMike Makaab weProsport International.
"Angizikhulumi izindaba ezithinta ukufunelwa umsebenzi. Ngicela uthinte uMakaab, uzokutshela ukuthi iSekhukhune sike samthinta noma cha," kushaya uVilakazi ngamafuphi.
Ucingo lukaMakaab belungabanjwa kuze kwashaya isikhathi sokushicela engawuphendulanga nomyalezo athunyelelwe wona.
Ngesizini edlule, iSekhukhune iqede endaweni yesine ngamaphuzu awu-45. Izithengele ithikithi lokuyodlala kwiCaf Confederation Cup.