NAKUBA ejabule uVusumuzi ‘Kanu’ Vilakazi, omunye wabaqeqeshi beLamontville Golden Arrows, ngokunqoba kwISupersport United ngenqwaba yamagoli, ukholwa wukuthi kusamele basebenze kanzima ekuqiniseni udonga lwasemuva.
Abafana Bes'thende bajabulise abalandeli babo bebhaxabula ngo-3-0 iSuperSport United ebidlalela ekhaya, ePeter Mokaba Stadium.
EzikaVilakazi noMabhuti Khanyeza, zidlule ngamagoli kaLungelo Nguse, Angelo van Rooi nelikaRyan Moon. Bekuwumdlalo wesibili kulandelana leli qembu likaMato Madlala, liqoqa amaphuzu amathathu.
Kowandulela owaMatsatsantsa a Pitori, belishaye iPolokwane City ngo-3-2. Beliphuma esibhaxwini seMamelodi Sundowns sika-4-0.
Emidlalweni emine, i-Arrows isishaye amagoli ayisishiyagalolunye yangenelwa ayisishiyagalombili. UVilakazi uthe akukuhle ukungenelwa yisibalo esingaka samagoli, ekubeni isizini isanda kuqala.
"Silwa nako ukuthi ingaqhubeki le nto yokungenelwa amagoli. Kube yisiqalo esihle emdlalweni weSuperSport, sinqobe ngo-3-0. Kuyo yonke imidlalo emithathu edlule singenelwe amagoli amaningi. Kumele kuphele lokho. Ngiyawubona umdlalo wePolokwane City, koweSundowns senza amaphutha amaningi sangenelwa amagoli obekungafanele asishaye," kubeka uVilakazi.
Mayelana nendlela abashaye ngayo iSuperSport, uVilakazi uthe:"Ukudlala neSuperSport kuhlale kunzima. Sijatshuliswa ukuthi amalungiselelo ethu ahambe ngendlela ebisihlele ngayo. Yinto enhle ukuthi kungowokuqala esingangenelwanga igoli. Selokhu kuqale isizini senza kahle. Ngithanda ukukuveza ukuthi uma sizodlala, kasibheki indlela izitha ezizozilungiselela ngayo, sinaka izindaba zethu. Singambheka noma singababheka labo abenza kahle kodwa konke kulele kuthina."
Uqhube wathi nakuba eneme ngendlela uNguse adlale ngayo kodwa basafuna okungaphezulu kunalokho asakudlalile. Usayidlale yomihlanu imidlalo ye-Arrows kanti usashaye amagoli amabili.
“Ungumdlali wezinga eliphezulu, sisalindele lukhulu kuyena. Kodwa kumele sikuqonde ukuthi usazama ukuqonda indlela yokudlala kwethu. Sikhumbule ukuthi ubedlala esigabeni esiphansi. Asimnike ithuba, sizodla ngaye kungekudala" kubeka uVilakazi.