UFUNA izinhlungu zokulahlekelwa yiphuzu umdlalo usuyophela bazithobe ngokunqoba iMoroka Swallows emdlalweni olandelayo weDStv Premiership umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi.
INatal Rich Boyz iphunyukwe yiphuzu umdlalo usuyophela iguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 koweligi obuseLoftus Versfeld, ngoLwesibili ebusuku. Igoli lokubika lingqofelwe enethini nguJunior Mendieta esikhathini esengezwe ngunompempe.
Ngaphambi kwalo mdlalo, uVilakazi ulibeke ngembaba elokuthi bazolwela ukuthola okungenani iphuzu njengoba belengelwa yizembe kodwa kwabheda ekugcineni.
"Kubuhlungu ukulahlekelwa umdlalo usuyophela. Size nesu elehlukile ngoba besazi ukuthi ngeke sikwazi ukuqophisana neSundowns uma kukhulunywa ngokugcina ibhola. Sikhethe ukuvala emuva bese sihlasela ngokuzuma uma kuvela ithuba,” ubalise kanje lo mqeqeshi kwabezindaba ngemuva komdlalo.
"Sikwenzile konke lokho saphazamiseka sekusele kancane ukuthi umdlalo uphele. Sihlale sibaxwayisa abadlali ngalezi zikhathi ezibucayi ezidinga ukuthi wonke umuntu aphaphame. Yize siphoxekile ngomphumela kodwa bazamile abadlali.
"Kuningi okuhle esingakuthatha kulo mdlalo ngoba akulula ukudlala neqembu eliqine njengeSundowns. Sikwazile ukumelana nobungozi bayo kwaze kwaba wumzuzu wokugcina womdlalo. Yilokho okuhle okumele kusikhuthaze.”
UVilakazi uthe bazoya nomqondo ohlukile emdlalweni olandelayo weligi abazowudlala neMoroka Swallows eKing Zwelithini Stadium eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, njengoba bedinga amaphuzu aphelele.
IBay isendaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-22. Imidlalo eyisishiyagalombili esele izocacisa ukuthi izokwazi yini ukuqeda ngaphezu kweCape Town Spurs, esasemsileni ngamaphuzu angu-12. Iqembu eliqeda emsileni lizogawulwa yizembe liyodlala kwiMotsepe Foundation Championship. Eliqeda endaweni ka-15 lizothola elinye ithuba lokulwela indawo kwiPremiership nokudlala kweyokuhlunga.
"Siyakwazi ukuhlasela yize kungabonakalanga kulo mdlalo esiwudlale neSundowns ngenxa yokuthi besihlele ngenye indlela. Siyiqembu eliwakhayo amathuba, sekusele ukuthi sikhuphule isibalo samagoli esiwashayayo,” kuqhuba uVilakazi.
"Likhulu ithemba lokuthi sizokwenza okungcono uma sesibhekene neSwallows. Uma singavala ngendlela esivale ngayo koweSundowns, bese siyaqinisa nasekuhlaseleni, kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu futhi kukhona esizophuma nakho.
"Kufanele sigxile emidlalweni yethu futhi sibheke umdlalo ngamunye. Ngeke kusishintshe isimo sethu ukuzikhathaza ngamaqembu angaphezu kwethu, sidinga ukuthatha amaphuzu kulawa esizobhekana nawo.
"I-Cape Town Spurs iyasondela kithina, yingakho kufanele sinqobe, ikakhulukazi uma sidlalela ekhaya."
Ngesikhathi iBay itholene phezulu neSwallows kowokuqala weligi eGoli ngoSepthemba, nyakenye, yanqoba ngo 1-0 ngegoli likaJose Figuareido. La maqembu aphinde ahlangana kwiLast 16 yeCarling Black Label Knockout Cup ngo-Okthoba, kwanqoba iBay ngo 2-1.