USEQALA ushaya izibalo uVusumuzi "Kanu" Vilakazi ongumqeqeshi weRichards Bay, ephinde yabhacaza ibhaxatshulwa ngo-3-1 yiSuperSport United emdlalweni weLast 16 Nedbank Cup.
Ngemuva kokuthi ezikaVilakazi zidlale ibhola elihle, zibambana ngeqanda neTS Galaxy koweDStv Premiership bekwethenjwa ukuthi zizophinde ziyiqumbe phansi iSuperSport.
Kuzokhumbuleka ukuthi emdlalweni wesibili weligi, sazihlula ngo-3-1 ezikaGavin Hunt.
Nokho umfana omncane kaHunt, uShandre Campbell (18) inethi uvele wayibhakuzisa zisuka ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile.
Elesibili ulishaye sesizophela isiwombe sokuqala. Elesithathu lishaywe uGamphani Lungu kanti elokubika leBay lize noSibusiso Mthethwa.
Ngemuva komdlalo uVilakazi obezwakala ekhululekile emoyeni, utshele abezindaba ukuthi ngesikhathi ebona ukuthi selibashonele ilanga koweSuperSport, kumphoqe ukucabanga ngokushesha ukuthi isimo asibamele kahle kwiDStv Premiership. Basafuna ukuhlala kulesi sigaba.
Uthe wenze izinguquko esecabangela umdlalo wabo ozayo weligi, abazowudlala neLamontville Golden Arrows ngoMashi 31 eMpumalanga Stadium.
"Ngesikhathi sekuwu-2-0 ngibone kungcono ukunikeza abanye abadlali ithuba. Yingakho ngekhefu ngenze ushintsho lwabane nolulodwa esiwombeni sesibili.
“Bese siqala amalungiselelo omdlalo weligi olandelayo. Ingijabulisile indlela abadlale ngayo," kubeka uVilakazi.
Uqhube wathi: "Nakuba besifuna ukuqhubekela phambili kwiNedbank kodwa kuye kwasiphoqa ukuthi sikhumbule ukuthi sisafuna ukuhlala kule ligi.
“Ukudlala kwiNedbank bengikuthanda ngoba bekubagqugquzela abadlali bami futhi kubenza babe sesimweni esihle emqondweni.“
Lo mqeqeshi uphinde wakugcizelela ukuthi ukuvala igebe kweCape Town Spurs emsileni, akumshayisi ngovalo. IBay isendaweni yesi-15, ngamaphuzu awu-14, emidlalweni ewu-20. ISpurs ikweyokugcina ngawu-12.
"Uma siqeda owe-Arrows sizodlala neMamelodi Sundowns neMoroka Swallows. Kule midlalo yomithathu sizolwela amaphuzu ayisikhombisa.
“Kowe-Arrows neSwallows kuzomele noma kanjani sithole amaphuzu amathathu umdlalo ngamunye. KoweSundowns sizolwela iphuzu. Engikwaziyo ukuthi kule midlalo eyishumi sizobe silwela amaphuzu awu-30. Nginethemba ukuthi sizokwenza kahle," uchaze kanje uVilakazi.
Uwuchaze njengozoba lukhuni ngendlela eyisimanga umdlalo we-Arrows esicijwa uSteve Komphela.
"Abadlali be-Arrows bagqugquzelekile ngenxa yokufika komqeqeshi omusha. Uzoba nzima lo mdlalo, sizolwa ngakho konke kuwo.
“La maphuzu amathathu siwadinga ukwedlula yona i-Arrows. Sizothola isikhathi esanele sokulungisa amaphutha ikakhulukazi phambi kwamapali.
“Ebholeni zimbili izindawo okumele uziqikelele. Iphambili nasemuva. Kumele wenze isiqiniseko sokuzibhalansisa. Iyona nkinga yethu leyo okumele silwe nayo ngokushesha. Siyawakha amathuba kodwa sihluleka ukuwasebenzisa,.“ kuphetha uVilakazi.