OYINKAKHA yeCape Town Spurs, uDavid Kannemeyer, uthi abaphathi beqembu bashaye eceleni ngokulanda umqeqeshi amchaza “njengosehlulekile”, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp.
UMiddendorp uqashwe emasontweni edlule ngenhloso yokuzama ukutakula leli qembu elidonsa kanzima selokhu kuqale isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership.
ISpurs engomakoti kwiPremiership kule sizini iqale iqeqeshwa nguShaun Bartlett, okunguyena oyikhuphulele kulesi sigaba. Imiphumela emihle ifike yamphika esigabeni esiphezulu, wakhonjwa indlela ngemuva kokwehlulwa emidlalweni eyisikhombisa kulandelana.
Izintambo zithathwe nguSean Connor ongusomaqhinga, wanqoba umdlalo owodwa washawa kwemine okubalwa nowomkhumulajezi, yeCarling Black Label Knockout.
UMiddendorp uvule ngesibhaxu iSpurs ishawa yiRoyal AM ngo 2-1. Lo mphumela ulandelwe ngenye induku ngesonto eledlule, behlulwa ngo 3-1 yiStellenbosch FC emdlalweni weligi, eCape Town Stadium.
Ibuyela ensimini ngokutholana phezulu neMamelodi Sundowns engagayelwa mphako ngoDisemba 13, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
“Abaphathi beCape Town Spurs bagejile ngokulanda uMiddendorp, ngokwami engimthatha njengomqeqeshi osehlulekile ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngokwami uMiddendorp angimboni engumqeqeshi okukhona asengakwenzela noma yiliphi iqembu kwiPSL. Usekhombisile ukuthi ungomunye wabaqeqeshi bangaphandle asebephelelwe wushatini, esingasabadingi ebholeni lethu,” kuchaza uKannemeyer.
“Yebo, ngiyavuma uBartlett beyimphika imiphumela. Ngicabanga ukuthi bekufanele iqembu limtholele umqeqeshi onamava abezolekelelana naye njengoba sibona kwenzeka kwamanye amaqembu. Angikholwa wukuthi kwaba yisinqumo esiphusile ukumxosha.
“Ibhola lamanje alisadingi umqeqeshi oyedwa oyinhloko, selidinga imiqondo eminingi. Umbuzo uthi ngabe abaphathi bamtholele yini uBartlett umuntu ozoba yiso lesibili kuyena? Ngabe limtholele yini abadlali abanamava ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokuyikhuphulela kwiPremiership ? Impendulo ithi, cha.”
UKannemeyer wadlala kwiSpurs phakathi kuka-1995 no-1999, ngaphambi kokuba yingxenye yokusunguleka kwe-Ajax Cape Town eyabunjwa ngo-1999, kuhlanganiswa leli qembu neSeven Stars.
UMiddendorp (65) odabuka eGermany, usentunte emaqenjini ehlukene kwiPSL engumanxiwa angamili mbuya ngenxa yokungazinzi kuwona, ingasaphathwa-ke eyokuzuza izicoco.
Selokhu afika okokuqala ukuzoqeqesha kuleli ngo-2005, wazuza izindebe ezimbili kuphela neKaizer Chiefs okuyiSAA Super 8 (esiyiMTN 8), ne-Absa Cup (esiyiCarling Black Label Knockout) ngo-2006.
Ngemuva kwalokho uye emaqenjini ehlukene okubalwa iMaritzburg United aphindele kathathu kuyona, iLamontville Golden Arrows, iBloemfontein Celtic (engasekho), iChippa United, iChiefs esebuya isibili waqeda endaweni yesibili kwi-log. Uke wabamba nakwiMoroka Swallows ayilaxaze maphakathi nesizini edlule ivika izembe, wavumbuka kwiSV Meppen yaseGermany. Phambilini, uke wayisindisa ezembeni iMaritzburg.
Kwi-SV Meppen edlala esigabeni sesithathu eGermany, ukhonjwe indlela ngemuva kokwehluleka ukuhlenga iqembu ezembeni. Wavumbuka kwiSingida Fountain Gate yaseTanzania, ngoSepthemba, nakuyona asule ngemuva kwamasonto amabili kuphela. Udlale umdlalo owodwa weligi, nowomzuliswano wokuqala wemidlalo yeCaf Confederation Cup, wabe esesula kuvela ukuthi ababoni ngaso linye nabaphathi beqembu.