UKHATHAZEKILE uSihlalo weMaritzburg United, uFarook Kadodia, ngokulengela ezembeni kweqembu lakhe phezu kwemizamo yokushintsha isimo ezinyangeni ezedlule.
ITeam of Choice isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-22. Ezinyangeni ezedlule kubuye ithemba kubalandeli ngokushintsha kwezinto ngesikhathi kubuya umqeqeshi uFadlu Davids eMphithi, wasayinisa abanye abadlali ngenhloso yokuqinisa iqembu. Kepha, namanje iqembu alikasuki emlonyeni wezembe.
ITeam of Choice ayiyazi iwini emidlalweni eyisihlanu yakamuva. Igcine ukuwina ngoJanuwari 21, yehlula iLomontville Golden Arrows. Le wini kade yelama amabili ewathole kwiRoyal AM nakwiMarumo Gallants.
"Sengifuna sivike izembe. Akusekho okuningi engikukhalelayo. Emuva kwaleya midlalo emithathu esiyiwine ilandelana, ukuba ubungibuza bengizothi ngifuna i-Top 8 kodwa manje akusekho konke lokho. Sidlale ngokulingana kowodwa kweyisihlanu esiyidlalile. Ngikhathazekile kakhulu ngesimo esikuso," kubalisa uKadodia, izolo ekhuluma ephephandaba.
ITeam of Choice izokwamukela iKaizer Chiefs kusasa ngo-8 ebusuku emdlalweni wePremiership eHarry Gwala Stadium. Amakhosi azotheleka eMphithi, eshayela phezulu ngemva kokuwina imidlalo emithathu ilandelana okubalwa noweNedbank Cup Last 16.
Kungase kuyisebenzele iChiefs ukuthi isanda kwehlula iMaritzburg emdlalweni weNedbank Cup Last 32.
IMaritzburg ayiqali ukuzithola ibhekene nezembe. Ngo-2016 yasinda ngosuku lokugcina lwesizini emuva kokushaya amagoli amathathu sekusele imizuzu ewu-15 kuphele umdlalo, ibhekene neJomo Cosmos eyagcina ishone phansi. Ngo-2019 ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral, iTeam of Choice ibuye kweyokuhlunga emuva kokuqeda isizini endaweni ka-15.
"UMdali akakusindisi kaningi. Asikwazi ukulindela elinye ithuba. Ngikhulumile nabadlali ngalokhu. Ngiyathemba ukuthi bazolwa kakhulu koweChiefs. Ngeke kube lula ngoba iChiefs isefomini kodwa ngilindele okungcono kulo mdlalo," kusho uKadodia.
IChiefs iyawadinga amaphuzu kulo mdlalo ngoba ilwela ukuzifaka emaqenjini amathathu azoqeda phezulu kwi-log. Ihleli endaweni yesine ngamaphuzu awu-34. Phezu kwayo kukhona i-Orlando Pirates (34), neSuperSport United (39), bese phezulu ziholwa yiMamelodi Sundowns enamaphuzu awu-59.