USIHLALO weMaritzburg United, uFarouk Kadodia, uveza ukuthi ulinde izikhulu zeMoroka Swallows zicacise ngamahlebezi okudayisa isitifiketi sokudlala KwiDStv Premiership ukuze ezothatha isinqumo.
Selokhu kuqale ukubikwa kwezinkinga zenkece kwiSwallows ikhula mihla namalanga ingcindezi yabalandeli kuKadodia ukuthi athenge isitifiketi sayo.
Kuvela nemibiko ethi izikhulu zeSwallows zidideke amakhanda, zithungatha abazoxhasa ngemali noma balithenge ngokuphelele iqembu.
ITeam of Choice idliwe izembe ngesizini edlule esigabeni esikhulu, iDStv Premiership, yehlela kwiMotsepe Foundation Championship.
Sibe sikhulu isililo kubantu baseMgungundlovu, bekhala ngokuthi ngeke besaba neqembu elidlala kwiDStv Premiership.
Bebebalisa nangokuthi ukuba khona kwiMaritzburg esigabeni esikhulu bekubeka isinkwa etafuleni emindenini eminingi yakuleya ndawo.
Kwale noma iRoyal AM isidlalela eHarry Gwala Stadium obekugijima kuyo iMaritzburg, bashaya ngonyawo abalandeli beTeam of Choice bathi bazoqhubeka nokulandela iqembu labo. Inkinga ekhona ukuthi kubukeka kulikhuni satshe ukuthi iqembu labo libuyele esigabeni esikhulu.
Sekuphele imidlalo eyisithupha kulandelana lihluleka ukunqoba.
Kwemibili eligcine ukuyidlala lishayelwe ekhaya, eSugar Ray Xulu Stadium kulandelana yiBoroka neBlack Leopards.
Emidlalweni ewu-17, lilele kweyesi-11 ngamaphuzu awu-20 kwi-log yeMotsepe. Kuvela ukuthi abalandeli beMaritzburg sebeke bambhalela uKadodia, baphakamisa ukuthi akaphuthume ekuthengeni iSwallows.
"Wazi kahle uKadodia ngesifiso sethu. Wonke umuntu uyabona ukuthi kuzoba lukhuni satshe ukuthi ekupheleni kwale sizini sibuyele esigabeni esikhulu. Singabalandeli siphakamisa ukuthi akushintshwane. UKadodia akakhiphe imali yokuthenga isitifiketi (seSwallows) bese enika iSwallows esokudlala kwiMotsepe Foundation," kubeka omunye wabalandeli ongathandanga kuvezwe igama lakhe.
UKadodia ukuvumile ukuthi sesifikile ezindlebeni zakhe lesi siphakamiso.
"Kulukhuni ukuphawula ngalolu daba ngoba kasazi ukuthi kwenzekani kwiSwallows. Asazi noma iyadayisa noma cha," kubeka uKadodia.
Ebuzwa ukuthi uma iSwallows ingalibeka ngembaba elokuthi iyadayisa noma iza kuye angenzenjani, uthe: "Nakhona kulukhuni ukuphawula. Isinqumo ngingasithatha uma seyiphumele obala ngokudayisa.“
Sikhuluma kanjena lesi sikhulu, Isolezwe liphinde lathola ukuthi ngesonto eledlule izikhulu ezine zeMaritzburg kuhlanganisa naso, bebeseGoli ukuyokhuluma nezeSwallows.
"Nasemdlalweni iMaritzburg eshaywe kuwo yiBaroka, izikhulu zeMaritzburg bezingekho. Okungacaci ukuthi lezi zingxoxo zihambe kanjani. Sethemba ukuthi zihambe kahle, uKadodia ubukeka ejabule kulezi zinsuku," kubeka umthombo.
Emasontweni edlule, Isolezwe libikile ngokuduba ukuya ejimini kwabadlali beZinyoni bekhala ngokungaholi. Liphinde labika ngamahlebezi abethi abadlali bazo sebehlukene phakathi ngenxa yokuholelwa kwabathile, bashiywe ngaphandle abanye.
NgoLwesithathu, lezi zinkinga zinyukele kwelinye izinga iPremier Soccer League (PSL) ikhipha isitatimende iveza ukuthi iSwallows ngeke ikwazi ukuphumelela umdlalweni wayo neMamelodi Sundowns nakoweLamontville Golden Arrows, ngoMgqibelo. NeZinyoni zikhiphe esazo zixolisa ngokwenzekile.
ISwallows ayishongo ukuthi yini inkinga ngaphandle kokuthi kukhona ukungazwani phakathi kwabaphathi nabadlali.
“Ubuholi beqembu buthanda ukuqinisekisa abangaphakathi nangaphandle kweqembu ukuthi isixazululo sizotholakala maduze," kusho ingxenye yesitatimende seZinyoni.