UMQONDISI weKZN Goalkeepers Academy, uSipho Zimba, uthi umengameli weSafa uDanny Jordaan usesigcobile wasinika izibusiso lesi sikhungo sakhe esiqeqesha onozinti, wagqugquzela ukuvikelwa kwesithunzi sonozinti baseNingizimu Afrika.
IKZN Goalkeepers Academy eyasungulwa nguZimba ngo-1997 ngenhloso yokuqeqesha onozinti, muva nje eCoastlands Hotel, eThekwini, beyinohlelo lokucobelela ngolwazi abaqeqeshi bonozinti. Lolu hlelo beluhambisana nokuklonyeliswa kwabo ngezitifiketi eziyisiqalo sokuzicijela izifundo zokuqeqesha onozinti eNingizimu Afrika.
Bangu-30 abaqeqeshi bonozinti abebeyingxenye yalolu hlelo lokucobelelana ngolwazi, olwaziwa ngeModern Goalkeeping.
Nakuba lesi sikhungo esiseThekwini bese sivele sigunyazwe yiSafa eThekwini neSafa KwaZulu-Natal, kodwa uZimba uthi ukunikwa kwaso izibusiso wumengameli weSafa kuzwelonke, uJordaan, kumkhuthaza kakhulu.
“Umengameli uJordaan uthe asivikelwe isithunzi sonozinti balapha eNingizimu Afrika. Ugcizelele ukuthi amaqembu akuleli adlala kwiPSL kuzofanele asebenzise kakhulu onozinti abangabokudabuka lapha eNingizimu Afrika, ukuze sizokwazi ukuthuthukisa onozinti bethu abazokwazi ukumela ngempumelelo iqembu lethu lesizwe, esikhundleni sokwethembela kakhulu konozinti bokufika," kusho uZimba.
"Ube esencoma ukukhuthala kwami ngalolu hlelo lokuqeqesha onozinti ebalula ukubaluleka kwalo. Uthe ngiyibambe ngakho, futhi ufisa nezinye izinkakha zonozinti zibambisane nami ekuqhubeni le nqola yokuthuthukisa nokuvikela isithunzi sonozinti basekhaya, ngoba ukuqeqesha onozinti kuhlukile kunokuqeqesha abadlali, kufuna isineke nothando.
"Ube esezisholo yena ngomlomo wakhe (uJordaan) ukuthi uyasigcoba, futhi usinika izibusiso lesi sikhungo sami sonozinti njengoba neSafa eThekwini noSafa KwaZulu-Natal nabo sebesigcobile."
UZimba, owayengunozinti ngeminyaka yo-1970 kuya ko-80 emaqenjini okubalwa kuwo iDurban Bush Bucks, AmaZulu ne-African Wanderers, uthe ukungaqeqesheki ngendlela konozinti kusukela emazingeni aphansi, ezigabeni zama-amesha, yikho okuholela ekutheni abanye onozinti esigabeni esikhokhelayo babonakale benza amaphutha angenasidingo.
"Ngokwesekwa wuMnyango wezeMidlalo neSafa, sisezinhlelweni zokuhambela zonke izifunda zeSafa zalapha KwaZulu-Natal, siqeqeshe onozinti.
Isifiso sethu esokuthi zonke izifunda zeSafa zaKwaZulu-Natal zibe nabaqeqeshi bonozinti.
Ngakho-ke siyabanxenxa bonke onozinti bakulesi sifundazwe abake badlala esigabeni esikhokhelayo, nalabo abangadlalanga esigabeni esikhokhelayo, ukuthi nabo basondele kulolu hlelo ukuze sikwazi ukukhiqiza onozinti abasezingeni esifundazweni sakithi saKwaZulu-Natal," kuqhuba uZimba, obonge ukwesekwa yiSafa noMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal kulolu hlelo.
Phakathi kwabaqeqeshi bonozinti abadlale esigabeni esikhokhelayo eminyakeni edlule abaqeqeshwe esikhungweni sikaZimba, kubalwa uLucky Hlela njengamanje oqeqesha onozinti kwiMaritzburg United edlala kwiMotsepe Foundation Championship, noMbongeni Mzimela oqeqesha onozinti eqenjini labadlali abasebancane leRichards Bay FC elidlala kwiDStv Diski Challenge.
UNkululeko Gazu, ongomunye wabaqeqeshi bonozinti abebeyingxenye yalolu hlelo lokucobelelana ngolwazi nongumqeqeshi wonozinti eMangosuthu University of Technology, uthe ufunde lukhulu kulolu hlelo.
"Njengoba ngiyisekela mqeqeshi eqenjini labesifazane eMangosuthu, ngiphinde ngiqeqeshe onozinti emaqenjini esikhungo, okungelabafana nelamantombazane. Bengisebenzisa lokho ebengikwazi njengonozinti njengoba nami ngike ngaba ngunozinti phambilini.
“Ngakho-ke ngifunde lukhulu kulolu hlelo, futhi ngizimisele ngokudlulisela lolu lwazi engilutholile konozinti engibaqeqeshayo kulesi sikhungo babe ngonozinti abangcono," kusho uGazu.