UMENGMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, uthi basalindele imibiko ephelele nezigameko zodlame ezenzeke ezinkundleni zebhola ezinsukwini ezedlule.
Abalandeli bebhola bashaqekile ngesikhathi kuqhuma izibhamu ngemuva komdlalo owandulela owamanqamu kweyokuhlunga ye-ABC Motsepe League phakathi koMsinga United ne-Orbit College eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngemuva kokuthi unompempe eqede umdlalo, ingxenye yabalandeli abebegqoke umfaniswano woMsinga United bangene enkundleni baphinde bajikijela ababhodlela nokunye bekubhekise enkundleni.
Ngemuva kwesikhashana, kuqhume izibhamu nokuholele ekutheni kube nesiphithiphithi njengoba abantu abaningi bebebalekela ezindaweni ezehlukene beyocasha.
UJordaan obekhuluma nabezindaba izolo ngesikhathi ehambele umndeni kaClive Barker, odlule emhlabeni ngempelasonto, uthe basalinde umbiko ogcwele ngokwenzeke kule nkundla.
"Izibhamu ziqhunyiswe emoyeni, kumele siwuqedele umusho, ziqhunyiswe emoyeni,” usho kanje uJordaan ebuzwa ngalesi sigameko.
“Sithumele ababili abasuka ehhovisi le-Safa elikhulu ababhekene nezokuphepha ukuthi bayothola umbiko ogcwele. Lowo mbiko uzoya esigungwini sikazwelonke ngoMgqibelo, bese sithatha isinqumo.
“Mangisho nje ukuthi okwenzekile bekungalungile neze. Kufanele sikuhlabe sikuhlikize. Abenzi bobubi kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala kodwa kudingeka umbiko ogcwele ukuze kwenzeke lokho.”
NgeSonto, eKapa, kuqhamuke imibiko yokudutshulwa kwabulawa owayengumqeqeshi weChippa United neRoyal AM, uMichael Lukhubeni, nomunye umuntu emqhudelwaneni webhola obuseKhayelitsha. Isigameko kuthiwa senzeke enkundleni ngemuva kwemidlalo.
Ihhovisi leSafa eliseKapa likhiphe isitatimende liqinisekisa lesi sigameko laphinde laveza ukuthi amaphoyisa asaphenya ngalolu daba.
“Ihhovisi leSafa eKapa linolwazi ngesigameko esenzeke ngemuva kokuphothulwa kwemidlalo e-Site C Lingelethu, ngesikhathi kudlalwa umqhudelwano we-Safa Cape Town Coca-Cola Cup,” ingxenye yesitatimende ifundeka kanje.
“Umengameli, isigungu esiphezulu nekomiti eliphethe isifunda, bonke bazisiwe ngokwenzekile futhi bazoqhubeka nokusebenzisana nabomthetho.
“Okwamanje kukholakala ukuthi lesi sigameko asihlobene neze nezindaba zebhola futhi kumele iziphathimandla ezifanele zinikwe ithuba lokuphenya kabanzi ngalolu daba.”
UJordaan ukugcizelele ukuthi ngokolwazi abalutholile, lesi sigameko asihlangene nebhola.
“Isigameko esenzeke eKapa asenzekanga ngesikhathi kudlalwa, senzeke ngemuva komdlalo. Eminye imibiko esiyitholayo ithi lesi sigameko sithinta izindaba ezingahlangene nebhola. Ngeshwa, ziningi izinkinga ezithinta umphakathi eKapa, eziphathelene nezidakamizwa nezinye izinhlobo zobugebengu.
“Lolu udaba luphenywa ngamaphoyisa kodwa kumele bathathelwe izinyathelo abenze lokhu. Umphakathi usuwenze kwaba lula kakhulu ukuthatha isibhamu, udubule futhi ubulale abantu.
“Kufanelwe kugxekwe lokhu, akukhathali ukuthi kwenziwe kusomabhizinisi, usopolitiki noma umqeqeshi webhola. Yingakho sicela ukuthi kube nophenyo olugcwele futhi izigebengu zigwetshwe,” uJordaan uphethe kanje.