UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, akayingeni 'eyamacala' amadala kanozinti, uBrandon Petersen, owenze elinye iphutha behlulwa yiLamontville Golden Arrows.
Amakhosi akhale ngaphansi kuBafana Bes'thende ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngempelasonto. UKnox Mutizwa ushaye amagoli amabili e-Arrows, uSifiso Hlanti wathola elokubika lezivakashi.
Bekuwumdlalo wokuqala kaJohnson obanjiswe lesi sikhundla kulandela ukukhonjwa indlela kukaMolefi Ntseki ngesonto eledlule. Obekulindelekile njengoba sekuphethe lo mqeqeshi wukushintsha kwendlela yokudlala kwazise uthanda ibhola elidlalwa phansi.
Lokho kusheshe kwabonakala futhi abalandeli bakujabulela. Inyomfeke ngesikhathi uPetersen enza iphutha eliholele ekutheni i-Arrows ishaye igoli lokuqala. Lo nozinti unyamanambana kubalandeli beChiefs ngenxa yamaphutha acekele phansi iqembu okukhona kuwona alenze behlulwa yiMamelodi Sundowns emasontweni adlule.
"Angikaze ngiwabone amanye amaphutha akhe. Uma kuwukuthi uwenzile phambilini, kusho ukuthi kufanele sizame ukuwalungisa. Kodwa ngendlela engibuka ngayo manje, kufanele abuye. Ulenzile iphutha futhi yilona elokuqala engilibhekayo ngoba wonke awenzayo manje aseyiphutha lami. Ngamukela ukugxekwa ngakho konke okwenzekile namuhla. Kodwa ngokwenzeke phambilini, bengingekho," kusho uJohnson ngemuva komdlalo.
UJohnson, ongumqeqeshi wesithathu ohlale ebhetshini leChiefs nonyaka, unengcindezi yokushintsha izinto eNaturena. Uthole ukwamukelwa ngendlela ehlukile ngesikhathi abalandeli bemshayela izandla nabadlali emuva komdlalo yize behluliwe. Lokhu akusajwayelekile kubalandeli baMakhosi abahlasele uNtseki kathathu ngaphambi kokuthi axoshwe.
UJohson, obeyi-Head of Developement Academy kwiChiefs, uthe ucelwe ngusihlalo waMakhosi, uKaizer Motaung, ukuthi alungise iqembu, lidlale kangcono, alenze liwine.
Nakuba ikhona imvunge ngokuqashwa kwakhe ngenxa yokuthi azikho izindebe aziwinile selokhu aqala ukuqeqesha kwiPremiership kodwa ukuhlabana kwakhe ngendebe yeCaf Champions League ngesikhathi eyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt akubuzwa ukuthi kuzomakhela isithunzi kubalandeli baMakhosi.
"Wukuthatha umsebenzi usihlalo (Kaizer Motaung) afuna uwenze futhi ngokwazi ukuthi ukwenzile phambilini empilweni yakho. Angiyena umuntu ohlehlayo. Ngizokwenza okusemandleni. Ngicabanga ukuthi ngineqoqo labantu abalungile emuva kwami ngoba akuwona umbukiso kaJohnson. Ngowabantu abaningi abenza isiqiniseko sokuthi siyawenza umsebenzi enkundleni," kusho uJohnson.
Emdlalweni olandelayo, iChiefs izobhekana neCape Town Spurs ngoNovemba 8 koweligi eKapa