LIYIPHIKILE imibiko yezinsolo zoqhekeko nokungaziphathi kahle kwabadlali eqenjini ibamba lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson.
Lo mqeqeshi wanikwa izintambo okwesikhashana eqenjini elikhulu ngesikhathi kugqabuka igoda phakathi kwalo nobengumqeqeshi, uMolefi Ntseki, ngenyanga edlule ngenxa yemiphumela engemihle.
Selokhu uJohnson eqalile ukucija Amakhosi, asedlale imidlalo emine yeDStv Premiership ahlulwa kwemibili anqoba emibili. Emdlalweni wakhe wokuqala aguqiswe yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1, avuka ashaya iCape Town Spurs ngo 3-2 ngaphambi kokunqotshwa yi-Orlando Pirates ngo 1-0.
NgeSonto ntambama, leli qembu lasePhefeni liqoqe amaphuzu agcwele lithela phansi iMoroka Swallows ngo 1-0 eDobsonville Stadium ngegoli likaChristian Saile.
Ngaphambi kwalo mdlalo, kube nemibiko ebithi unozinti ongumakadebona, u-Itumeleng Khune, nomdlali wasesiswini, uMduduzi Mdantsane, bazifake enkingeni ngokwephula imithetho yeqembu emayelana nophuzo oludakayo.
Kuthiwe uMdantsane usesiqedile esakhe isigwebo sokumiswa kanti uKhune kulindeleke avele ekomidini eliqondisa izigwegwe ngoLwesibili.
Eminye imibiko iphinde yaveza ukuthi kunokushayisana ngaphakathi eqenjini njengoba abadlali abamnyama bebona sengathi isandla siqiniswe kakhulu kubona uma kuqhathaniswa nalaba abangamakhaladi.
UKhune akazange abonakale kulo mdlalo neSwallows kanti isitatimende esifakwe kwi-website yeqembu sithe ungomunye wabadlali abalimele.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uJohnson uthe lezi zindaba ezisabalele ziwumsebenzi wabantu abahlose ukudicilela phansi isithunzi seqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs.
“Sizifunda njalo lezi zinto. Njengoba iKaizer Chiefs iyiqembu elikhulu, ngicabanga ukuthi baningi abantu ababheke ukulicekela phansi ngoba eqinisweni alikho iqembu elidume njengaleli. Noma yini into abantu abayitholayo noma abangayenza ukuze bazame ukudicilela phansi isithunzi salo phansi ihlezi isemaphepheni. Akuyona into eqala manje, sekuneminyaka yenzeka,” kusho lo mqeqeshi.
Mayelana nezinsolo zokucwasana, uthe: “Mina ngazalelwa kuleli zwe, lisahlukaniswe ngokuthi kukhona abamnyama nabamhlophe. Ngiyakwazi ukumelana nezinkulumo ezinje. Uma kukhulunywa ngazo kufana nokuthela amanzi emhlane wedada kimi. Uma wazalwa ngesikhathi kusakhulunywa ngebala elimnyama nelimhlophe kuphela, uyazi ukuthi kumele wenzenjani njengoba sekunamabala amaningi.
“Asinayo inkinga enjalo eqenjini lethu. Njengoba ningibongele ngokunqoba, nizibonele ukuthi abadlali bebebambisene enkundleni. Asikho isidingo sokuthi ngibuzwe mayelana nokubumbana kweqembu. Uma ungangena egunjini lethu lokushintshela manje ungazibonela ukuthi abadlali babumbene kangakanani.
“Ngifike kuvele kunjalo, akuyona into obekumele ngiyiqale phansi. Kungenzeka ukuthi ngifike ngaqinisa into ebivele ikhona. Kumqoka kakhulu ukuba nabadlali abazimisele, ikakhulukazi laba abanamava. Ngizoba ngowokuqala ukuphakamisa isandla uma izinto zingahambi kahle.”
Ebuzwa ukuthi ngabe zikhona izindawo abheke ukuziqinisa eqenjini njengoba sekusondele ukuvulwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali (ngoJanuwari), uJohnson uthe lezo zinqumo azikathathwa.
“Ngiyingxenye yezingxoxo zokuthi singayithuthukisa kanjani iKaizer Chiefs futhi lokho kuhlanganisa izinto eziningi. Angicabangi ukuthi ngingasho ukuthi zithini izinhlelo zewindi lokudayiswa kwabadlali. Ngiyingxenye yezingxoxo zokubuyisela leli qebu lapho lalikhona phambilini. Ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukulibuyisela kulelo zinga, lapho izimpendulo ezifanele ziqhamuka khona kubantu abafanele, hhayi imithombo abezindaba abacabanga ukuthi banayo,” uchaze kanje.
“Ngeke kube yinto ephusile ukuthi ngithi sidinga abantu abasha ezindaweni ezithile. Lezo zinqumo zithathwa ezingeni eliphezulu kakhulu kunami, yize ngiyingxenye yalokho. Uma sekuthathwe izinqumo, iKaizer Chiefs izobe isimemezela ukuthi sizokwenza lokhu nalokhu.”
Amakhosi asephunyukwe yizindebe ezimbili kule sizini njengoba ekhishwe kowandulela owamanqamu kwiMTN8, awashiswa ijezi kwiLast 16 kwiCarling Black Label Knockout. Azobuyela ensimini ngoDisemba 9, ukuyobhekana nePolokwane City ekuhambeni.