IBAMBA lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, lisichaze njengento ejwayelekile neliyikhuthazayo kubadlali balo isenzo sikaBrendon Petersen ongunozinti waleli qembu, obonakale sengathi uthethisa lo mqeqeshi emuva kokukhala ngaphansi ngo 3-2 kwi-Orlando Pirates.
IChiefs ishaywe yiPirates okwesibili kule sizini yeDStv Premiership okubeke iBucs endaweni yesibili kwi-log.
Esikhundleni sokuthi kunakwe lokho, okunye okuthathe amehlo abaningi ngemuva komdlalo, ukubonakala kwenkulumo obekusobala ukuthi iyavutha phakathi kukaJohnson noPetersen ongawuqalanga umdlalo.
Ngesikhathi uphela (lo mdlalo) osekungumlando ukuthi iPirates ibuye kuwona kabili emagolini ka-Ashley du Preez, uPetersen ubonakale kwithelevishini ekhuluma noJohnson, sakuthetha, ehebeza nangezandla, kubonakala ukuthi kukhona angeneme ngakho, kwaze kwangenela uzakwabo, uS’fiso Hlanti, epholisa lo nozinti.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abebehlaziya lesi senzo njengokungahloniphi kuPetersen. Abanye bethi sikhombisa ukuthi uJohnson akanamandla kangakanani kubadlali bakhe.
UJohnson ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uzwakale engayithatheli phezulu indaba yokuthethiswa esidlangaleni umdlali wakhe.
“Enikubonile okwenu kodwa okwenzekile ingxoxo ejwayelekile phakathi komdlali nomqeqeshi wakhe emuva komdlalo,” kusho yena.
“Asikho isidingo sokulwa phakathi kwami nomdlali ngoba sihluliwe kodwa engithanda ukukuveza ukuthi okwenzekile kujwayelekile kithina.
“Uma nilibuka ibhola lomhlaba kufanele ukuba nimbonile, uKevin (de Bruyne), etshela umqeqeshi wakhe kwiManchester City, uPep (Guardiola), ukuthi avale umlomo muva nje?
“Lokhu kuyizinkomba zokuthi enikubonile kungenzeka ukuthi indlela ejwayelekile yokuxhumana phakathi komdlali nomqeqeshi wakhe.
“Ngiyakukhuthaza ukuthi abadlali bami bakhulume ngakho konke abangeneme ngakho ngoba angiyena lo mqeqeshi oyizwi lakhe kuphela kepha lonke uvo luthathwa njengolubalulekile.
“Ongeneme ngokuthile ngiyakukhuthaza ukuthi akukhiphele kimina ukuze uma sengiqala ngilungiselela imidlalo ezayo ngibe ngiqonda okufanele kwenzeke nokungafanele,” kusho uJohnson.
UJohnson akangcinanga nokuyishayela phansi ekaPetersen, umane wakuphika nokujikijelwa ngabalandeli ekubeni kunobufakazi obuningi bokuthi lokhu kwenzekile.
“Angizange ngibabone abalandeli beChiefs bejikijela enkundleni kumbe bebhekise ngakimina.
“Angazi noma ngibone ibhodlela elilodwa yini kodwa angizange ngizizwe ngidinga ukuvikelwa amaphoyisa yize ngiwabonile wona.
“Engingakusho ukuthi ngiyaxolisa kwizigidi zabalandeli beChiefs ngenxa yalo mphumela ngoba awubafanele ikakhulukazi njengoba sihambe phambili kabili,” kuphetha uJohnson.
Njengoba iChiefs ingaseyona ingxenye yeNedbank Cup, isiyoze ibuyele enkundleni ngoweligi neCape Town City ekuhambeni ngoMashi 30.